ALIKASHABALALI ithemba ngesicoco se-Absa Premiership kumdlali weKaizer Chiefs,uGeorge “Mido” Maluleka, okhale wemuka nomklomelo wegoli eliwadlula wonke ashaywe ngoDisemba emidlalweni yeligi.
UMaluleka uwine ngegoli alishaye engaphandle kwebhokisi ngesikhathi iChiefs ihlula iSuperSport United ngo 1-0. Lona bekuwumdlalo wokuqala esebhentshini umqeqeshi u-Ernst Middendorp, ongene endaweni kaGiovani Solinas.
UMaluleka uthe nakuba ewabonile amanye amagoli kodwa ithemba lakhe ubelibeke kubalandeli baMakhosi.
“Bengingawulindele umklomelo kodwa sinabalandeli abaningi. Ngiwabhekile amagoli ambalwa angaleya nyanga. Ngiyajabula ukuthi ngiwutholile. Ngibonga abalandeli bethu nabavotile. Njengomdlali wasesiswini akujwayelekile ukuzithola ngisendaweni lapho ngingashaya khona igoli. Uma ushaya igoli emuva kwesikhathi, uthole umklomelo kumnandi. Ngiyawujabulela,”kusho uMaluleka.
IChiefs inengcindezi yokujabulisa abalandeli kule sizini. Ngaphandle kwethuba lokuwina iNedbank Cup, ngokwezibalo isengawina isicoco seligi. Isele ngamaphuzu ayisishiyagalolunye kwiWits esesicongweni se-log.
IChiefs izobhekana nePolokwane emdlalweni wePremiership ngoMgqibelo ePeter Mokaba Stadium, eLimpopo, ngo-3.30 ntambama.
“Lo mdlalo ubaluleke kakhulu. Ukuthola kwethu amaphuzu amathathu kuzosho ukuthi sisesembangweni. Phezu kokudlala kahle kwethu emidlalweni edlule kodwa sidinga amaphuzu amathathu nemiphumela ehambisana nakho. Ngicabanga ukuthi sisengayiwina iligi. Kuzocaca ngosuku lokugcina futhi ngeqembu elizodla umhlanganiso. Ngikholwa wukuthi sisekhona embangweni. Iqembu lonke liyakholwa wukuthi kusengenzeka noma yini. Wonke amanye amaqembu asawalahla amaphuzu, adlala ngokulingana. Ngakho kufanele nathi sivule amehlo. Ngiyathemba ukuthi izinto zizosivuna,”kusho uMaluleka.
IRise And Shine izobhekana neChiefs ishayela phezulu emuva kokubuya nephuzu kwiSundowns emdlaweni weligi, ophele zibambene ngo1-1 ngoLwesibil eLoftus Versfeld.
Emzuliswaneni wokuqala nyakenye, Amakhosi akhale ngaphansi kwiPolokwane ngo 1-0 eMoses Mabhida Stadium, eThekwini. Lo mdlalo udlalwe ngaphandle kwabalandeli kwazise iChiefs ibidonsa isigwebo ngenxa yezidubedube ezenzeke koweNedbank Cup ngesizini edlule.
“Kuhlala kunzima ukudlala nePolokwane City. Uhlala ungakwazi okufanele ukulindele.”
* Khonamanjalo, i-Orlando Pirates iyeke ithuba lokubuyela endaweni yesibili kwi-log ye-Absa Premiership ngesikhathi ishaywa yiSuperSport United ngo 1-0 izolo ebusuku eMbombela Stadium. Kulo mdlalo iPirates ithole nephenathi kodwa uHappy Jele, wayibeka ezandleni zikaRonwen Williams.
Ngaphandle kokuthi iPirates iyeke leli thuba, bekungokokuqala ishaywa emidlalweni yasekhaya kwengu-27. Okunye okudalwe yilo mphumela ukuthi iSuperSport isisemhlane weZimnyama njengoba sebehlukaniswe yiphuzu.