ISIKHULU selinye lamaqembu aphikisayo ePhalamende laseNingizimu Afrika, uBantu Holomisa, ongumengameli we-United Democratic Movement (UDM), siwukhomba kumqeqeshi weKaizer Chiefs, uGiovanni Solinas umunwe ngokubheda kohlelo kuleli qembu.
Amakhosi asanda kukhala ngaphansi kwizimbangi zayo ezinkulu i-Orlando Pirates okwenze kwanyakaza nabalandeli bawo Amakhosi abasePhalamende. UHolomisa, ongomunye wabalandeli beChiefs abaqavile futhi abangazifihli, ukhala ngokushintsha isikimu kuyona yonke imidlalo. Ngokusho kwalo sopolitiki, uSolinas uzowela esikhinsini esifanayo nalesi okuwele kusona obengumqeqeshi weChiefs, uSteve Komphela.
“Ngikholwa ukuthi inkinga enkulu yeChiefs ikumqeqeshi uqobo. Akubona abadlali kepha ukushintshwa kwesikimu kuyona yonke imidlalo isidingo singekho yikhona lokhu okubuyisela iqembu emuva. Anginawo amava angako ebholeni kodwa ngiyazi ukuthi ukushintsha ngaso sonke isikhathi kudala ngisho uqhekeko kubadlali. Kunzima kabi ukujwayela umuntu omusha ozodlala naye kuyona yonke imidlalo,” usho kanje uHolomisa.
Neqhawe lakho uPotshoza lihambisana naye umhlonishwa ngoba yena uSolinas uyakholelwa impela ekushintsheni isikimu njengoba kowabakhaya baseSoweto eqale ngoBernard Parker ekubeni kuwumdlali ongasajwayele ukuqala imidlalo. Nokusala ngaphandle kukaDaniel Cardoso okunguyena obeqala imidlalo phambili kuthusile. Lokhu bekuchaza ukuthi uSolinas uzoqala owabakhaya ngoMario Booysen osanda kusayina eqenjini.
“Inkinga ngomqeqeshi wethu omusha ukuthi akazange afunde lutho kuKomphela obesiqeqesha phambilini. Inkinga kaKomphela yikhona ukushintsha isikimu njalo kodwa noSolinas ubukeka ezimisele ngokuwa lapho kuwe khona umqeqeshi wethu waphambilini,” kusho uHolomisa.