Rhulani Mokwena
MHLELI: Kwelakho eliwela umfula ugcwele ngithi nami ake ngibeke umbono wami ngokuqokwa kukaRulani Mokwena njengomqeqeshi wezimnyama ngenkani, iBhakabhaka, emuva kokwesula isigubhukane kukaMilutin Sredojevic. Okwenza ngibeke umbono wami ngoMokwena yizinkulumo zabalandeli bamaqembu ahlukahlukene akade bezikhuluma ngesikhathi uMokwena eseyisekela likaPitso Mosimane, umqeqeshi weMamelodi Sundowns.

Bebesho ngokunanazi ukuthi iSundowns iphumelela nje kungenxa kaMokwena, hhayi uMosimane.

UMosimane bebemchaza njengomqeqeshi ongalazi ibhola osizwa wukuba khona kukaMokwena.

Namhlanje ngithi ngiyabonga ngoba useze walithola ithuba lokuthi azimele njengomqeqeshi omkhulu. Sekuyilo ithuba lokuthi sike sibone ukuthi lezi zinkulumo ebesizizwa zishiwo ngaye ziyiqiniso ngempela yini.

Ngithi ngikufisela inhlanhla mfo kaMokwena.

Mandla Mlotshwa

KwaMashu