USINETHEMBA Sithebe amehlo azothi njo kuye ukuthi uzokwazi yini ukulandela ezinyathelweni zikaSiyabonga "Bhele" Nomvete Isithombe: NDUDUZO DLADLA
INJINI yaMaZulu FC, uSiyethemba Sithebe, ibona emaningi amathuba okuthi Usuthu lusivikele isicoco sePremier’s Cup kule mpelasonto.

USithebe osanda kugixabezwa unombolo 10 kuMaZulu, uthi abalandeli boSuthu abalindele ibhola elihle kubona kule mpelasonto kwazise amalungiselelo esizini entsha ahambe kahle kakhulu.

Ngeledlule Usuthu lunqobe iMsunduzi Cup, lushaya iBidvest Wits ngo 2-1 kowamanqamu, eHarry Gwala Stadium, eMgungundlovu.

“Yithina esivikela isicoco sePremier’s Cup. Sizokwenza ngakho konke okusemandleni ukuthi siyasivikela lesi sicoco.

"Abalandeli boSuthu abalindele ibhola elihle, bafike ngobuningi babo,” usho kanje uSithebe ebuzwa ngamalungiselelo ePremier’s Cup.

Eqhubeka echaza uSithebe, uthe kule sizini ezoqala ka-2019/2020, uzimisele ngokugila izimanga enkundleni.

“Ngifuna ukuthi njalo ngesizini kube khona ukukhula emdlalweni wami. Ngesizini edlule, ngiqale nginesifiso sokuthi ngifuna ukudlala imidlalo eminingi.

"Lokho kwenzekile futhi ngijabule,” usho kanje uSithebe.

Kusasa AmaZulu azodlala noThongathi FC, kwiPremier’s Cup ngo-11 ekuseni. Lo mdlalo uzoba ngowokuqala kwemithathu osukwini, ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu.

Umdlalo wesibili kusasa, uzoba phakathi kweRichardsBay FC neReal Kings ngo-1 emini. Owokugcina osukwini uzoba ngo-3 phakathi kweRoyal Eagles neMaritzburg United.

NgeSonto kuzodlalelwa eKing Zwelithini Stadium, eMlaza.

Kuzoba nemidlalo emibili eyandulela owamanqamu, bese kuthi ngo-3 ntambama kube ngowamanqamu.

Amathikithi atholakala mahhala.