SITHEMBISO MKHIZE
UWOTHA ubomvu umlandeli oqavile weKaizer Chiefs ngesinqumo saleli qembu sokubeka uStuart Baxter ebhentshini ngesikhathi bebhaxabulwa i-Al Ahly ngo 3-0 kowamanqamu eCaf Champions League ngempelasonto edlule.
UBaxter ubeqala ukuhlala ebhentshini kulo mdlalo selokhu amenyenzelwa njengomqeqeshi omusha. Ngesikhathi kuqhubeka umdlalo, ezinkundleni zokuxhumana bakhona nabanye abebengakuzwa ukuhlala kwakhe ebhentshini.
UMasilo Machaka ukhombe ngenjumbane abaphathi beChiefs ngokuthi yibo ababuye babakhweze emakhanda abo abalandeli be-Orlando Pirates.
"Kangibasoli abalandeli bePirates ngokusihleka, kwesinye isikhathi ubuholi beChiefs buke benze amaphutha akushiya ubambe ongenzansi. Ngempela bebemusaphi ebhentshini uBaxter kowamanqamu eChampions League?
“Isenzo sabo sitshengise ukweya u (Themba) Zwane nethimba lakhe okuyibo abathathe izintambo ku (Gavin) Hunt maqede bafaka iqembu kwi-Top 8 nakowamanqamu eChampions League. Ngesikhathi uZwane no(Dillon) Sheppard bephethe izintambo bewubona ukuthi abadlali bayabezwa futhi bangabafela. Yebo i-Al Ahly iyiqembu elinzima kodwa bekumele abaphathi bamethembe uZwane bese uBaxter aqale umsebenzi kahle kwiMTN 8 nakwiligi".
Izolo omunye wabalandeli beZimnyama, uJoyce " Mama Joyce" Chauke utshele Isolezwe ukuthi akayizweli iChiefs ngokuhluleka kwayo ukunqoba inkanyezi yokuqala.
Uveze ukuthi ngaphambi kowamanqamu eChampions League abalandeli bayo bebedelela bethi abalandeli bePirates abayohlanza izinxanxathela zezitolo ngoba amatasa.
"Kangibagxeki abalandeli bePirates ngokuseyisa nokungaseseki ngesikhathi sidlala ne-Al Ahly. Nami kangibaseki uma bedlala namaqembu angaphandle. Okusihlanganisayo nePirates nabeMamelodi Sundowns yiBafana Bafana kuphela. Kimina ukuthanda iChiefs kakusekhona nje ukudlala kepha sekuyimpilo. Ngabaphathi beqembu lethu okumele basivikele kwizimbangi zethu. Esikufisayo singabalandeli ukuthi baqinise izinkulisa zokukhiqiza abadlali. Angazi ngempela ukuthi iChiefs seyalilahlelani isiko lokuzikhiqizela abadlali abazi usiko mpilo lweqembu. Eminyakeni edlule sadla inqwaba yezicoco ngesasizikhiqizele bona ababenjengoPule ( Jabu Mahlangu, Junior Khanye, Doctor Khumalo, Nhlanhla Kubheka nabanye abaningi.
" Sifuna kubuye ibhola lethu esasigcwalisa ngalo amakhabethe ngezinkomishi. Kwisizini ezoqala sifuna inkomishi yeligi ukuze sibuyele e-Afrika. Uma uBaxter ehlulekile ukwenza lokhu kumele adedelwe. Sesisitholile isipiliyoni sowamanqamu eChampions League, kumele singasidedeli. IChiefs ikhaya lethu, asiyi ndawo,“ kusho uMachaka.