UKAPUTENI weBafana Bafana, uThulani “Tyson” Hlatshwayo ubuka iNigeria njengesitebhisi sokubuyela esicongweni ebholeni lase-Afrika ngaphambi komdlalo omqoka we-quarter final ye-Africa Cup of Nations (Afcon) okusasa ngo-9 ebusuku eCairo International Stadium.
IBafana izifake emlandweni ikhipha i-Egypt ebithwelwe ngeqoma ngenxa yerekhodi layo kwi-Afcon uma iyisingethe. Kube yigoli likaThembinkosi Lorch eliqhathe iBafana nezimbangi zayo ezindala iNigeria.
UHlatshwayo uzwakalise okukhulu ukuthobeka njengokaputeni obeshayela umkhumbi iBafana izibuyisela ezinhliziyweni zabalandeli abese bephonse ithawula ngayo. Ngokwalo kaputeni, umsebenzi yima uqala ukuba nzima ngoba abasazidlaleli bona bodwa kepha sekunamehlo amaningi afuna ukubona ukuthi ukukhipha i-Egypt akubanga yiphutha.
Kulapho lo kaputeni ebona khona ithuba lokusebenzisa iNigeria, nayo eyizikhondlakhondla e-Afrika, ukuqinisekisa ukuthi ibhola laseNingizimu Afrika libuyela esicongweni elike laba kusona ngo-1996.
“Sisesigabeni lapho kuhlungeka abafana emadodeni manje. Ngizizwa ngihloniphekile ngokuthi yimina ebengihola iBafana ingena kuma-quarter final okwesithupha emlandweni we-Afcon. Sibhekene neNigeria manje izimbangi zethu ezinkulu. Angikungabazi ukuthi lo mdlalo uzobe unzima kodwa ngiyazi futhi nginethemba lokuthi sizoqhubeka nokudlala ngendlela esenze ngayo sihlula i-Egypt. Akukho mlingo otheni esiwenze kwi-Egypt ngaphandle kokubhukula saphinde sahlala sagxila endleleni okuyiyona esikwazi ukudlala ngayo. Akukho esikubhekile manje ngaphandle kokuhamba lonke ibanga. Umdlalo wethu neNigeria usuzoba nezethameli eziningi. Kwazi bani mhlawumbe singagcina sesibathathile abalandeli be-Egypt sabenza abethu,” usho kanje uHlatshwayo izolo.
Lo kaputeni uthe leli yithuba labo lokubuyisa uthando lwabalandeli okuyinto egcine ukwenzeka ngo-1996. Ngaphandle kwalokhu, uTyson ubona ithuba lokukhombisa i-Afrika yonke ukuthi ingobani iBafana Bafana.
“Sesifikile manje isikhathi sokuqopha umlando omusha. Kimina leli yithuba elikahle ngoba endleleni yethu sizobe siwise amazwe amabili abethishiwe ukuthi adle lesi sicoco. Isikhulisile indlela esingene ngayo ku-last 16. Ngenxa yalokhu sizimisele ukufela enkundleni ukukhombisa i-Afrika yonke ukuthi siyizwe elikhulu kule lizwekazi uma kuza ngakunobhutshuzwayo.”
Mayelana namalungiselelo uthe konke kuhamba kahle. “Njengakwi-Egypt, sizohlala phansi siyicubungule kahle iNigeria. Ngiyazi ukuthi nayo izobe yenza okufanayo kodwa ukunqoba kwi-Egypt kusikhumbuze sonke ukuthi singawunqoba lo mqhudelwano inqobo nje uma sizodlala iDiski yaseMzansi.”