MHLELI: Ngifisa ukubongela abafana basePhefeni, iKaizer Chiefs, ngokungena kowamanqamu emqhudelwaneni omkhulukazi e-Africa, iCaf Champions League.
Cishe ukufika kweChiefs kowamanqamu kwethuse abaningi, nami ngingomunye wabebengacabangi ukuthi leli qembu lingahamba ibanga elide kangaka lize lifike kowamanqamu ngalesi sikwati sayo esizacile. Cishe nabadlali uqobo bayazibuza ukuthi bafike kanjani kowamanqamu beluhlaza kanjena.
Phela iqiniso ukuthi kuluhlaza ePhefeni, kusamele kuphekwe noma abaphathi balande abadlali abaseqophelweni eliphezulu. Okungijabulisa kakhulu ngokufika kweChiefs kowamanqamu ukuthi ifike ngendlela eqondile, ayifikanga ngokunqoba koma"board room". I-Chiefs ikuma-finals nje ayingenanga ngo-back door njengamanye amaqembu aseSouth Africa aseke afika kowamanqamu eChampions League.
Kungaba kuhle abaphathi basale sebeyeka uZwane aqedele umsebenzi wakhe omuhle ukuze anameke inkanyezi ophawini lwaMakhosi, uBaxter athathe uma sekuqala isizini entsha. Sengathi nabaphathi bangangena bagamanxe emakethe yabadlali kulokhu, bathenge abadlali abasezingeni leChiefs. Cishe nabaxhasi bazobuyelwa yithemba lekusasa elingcono uma iChiefs isidle ubhedu ngalesi sicoco. Phela iChiefs ibisizifanela nje neqembu labafana abachitha isizungu bezidlalela obhuqwini lwaseNquthu.
Indlela ekade isibhaxabulwa ngayo emidlalweni yasekhaya, ubungaphika ukuthi yiqembu elinomlando onothile, elisho ngoxhaxha lwabaxhasi, iqembu elinakho konke okudingwa yiqembu ukuze licoboshise kwasani. Sengathi lingadlala kahle iqembu kowamanqamu.
Sibahle Ngobese
enquthu