ABADLALI beManchester United, bazoya emdlalweni wangoMgqibelo neTottenham Hotspur, bengaphansi kwenkulu ingcindezi kulandela ukunenebulwa yiLiverpool ngo 5 - 0 ngempelasonto edlule.
Cishe bonke abadlali be-United ababesenkundleni ngalolo suku, bashicilela izitatimende bexolisa kubalandeli ngaleli hlazo, iningi lithembisa ukwenza kangcono.
Lokho kwakulindelekile kwazise abadlali besimanje e-Europe, sebenza umsebenzi omningi emakhasini abo ezokuxhumana kodwa okwangethusa yinkulumo yomqeqeshi weqembu, u-Ole Gunnar Solskjær ngemuva komdlalo. Lo mqeqeshi wayivuma induku, wazisola yena nethimba lakhe labaqeqeshi ngokwenza amaphutha. Ebuzwa ukuthi ngabe usazibona efanele yini ukuhola iqembu, wathi nakanjani umsebenzi usamfanele futhi ’sebesondele’. Akabange esachaza ukuthi yini ’abasondele’ kuyo.
Njengamanje i-United isele ngamaphuzu ayisishiyagalombili kwiChelsea eqhwakele etafuleni lePremier League, emidlalweni eyisishiyagalolunye. Ngokwefomu layo lokudliwa emidlalweni emihlanu kule midlalo, izinkomba azikho zinhle kanti nakwiChampions League i-United ihlezi ngesinqe esisodwa ekubeni yafakwa eqoqweni eliqukethe amaqembu amancane e-Europe
Izinkinga ze-United kodwa azizintsha. Ngesizini edlule leli qembu libe wunombolo 2, ngesizini ka-2019/2020 ibe wunombolo 3. Okwacaca ngalawo masizini ukuthi u-OGS kuyamehlula ukunqoba kwazise nakwizindebe ubeshaywa iqembu lakhe selisondele kowamanqamu.
Umbuzo abaphathi beqembu okufanele bazibuze wona uthi yini ezoguquka kule sizini? Kuyimanje useshaywe imidlalo emithathu kwiligi, ngesizini edlule iqembu lihlulwe kwaze kwaba yisithupha isizini yonke, lalinyazwa ukudlala ngokulingana imidlalo eminingi uma liqhathaniswa neManchester City.
Ngaphandle kokubeka iqembu ezingeni elikwazi ukunqoba kuyo izicoco, lo mqeqeshi amaqhinga akhe abuye akhombise ukungavuthwa. Umqeqeshi onjani ohluleka ukusebenzisa uPaul Pogba? Lapha sikhuluma ngomdlali osanda kunqoba isicoco se-World Cup ne-UEFA Nations League muva nje.
PAUL POGBA
UPogba ungomunye wabadlali ababili, abasasele kwi-United abanqoba inkomishi neqembu njengoba aphakamisa isicoco se-Europa League. Ngemuva kokuphaka amagoli ayisikhombisa emidlalweni emine kule sizini, u-OGS akasazi ukuthi amdlalise kuphi uPogba enkundleni. Emidlalweni emibili edlule umqalise ebhentshini.
Donny van de Beek
USolskjær usayinise lo mdlali osuka kwi-Ajax, ngethemba lokuthi uzomnikeza uzinzo esiswini. Nokho ulizwa ngendaba ijezi umdlali nokuyinto esiphakamise imibuzo kubahlaziyi bebhola e-Europe, kwazise amagalelo akhe enkundleni ayaziwa. Akulula ukufika kwi-United uzidlele ijezi, abadlali abaningi sebekufundile lokho kodwa mancane kakhulu amathuba asenikezwe lo mdlali ukuziveza enkundleni ikakhulu njengoba i-United yehluleka ukulawula umdlalo kusukela uqala kuze uyophela. Inkinga kuhlale kuthiwa iku-6, okuyindawo okuvame ukudlala kuyo uFred, kwesinye isikhathi uMatic bese bebambisana noScott McTominnay.
ILiverpool yakuveza ngokusobala ukuthi isisu se-United asikho ezingeni futhi kulula ukudabula kuso uqonde kubadlali basemuva. Wayemsaphi umqeqeshi umdlali wasesiswini uma engeke emdlalise ngisho sekubheda? Ngaphandle kokuba wuqina thambo, lo mdlali uyakwazi ukulekelela naphambili njengoba eneso lephasi futhi ekwazi nokubeka ibhola enethini. Ushiye i-Ajax enamagoli awu-41 nawokuphakela abanye abadlali awu-34.
Christiano Ronaldo
Akukho ukungabaza ithalente nomlando kaRonaldo ebholeni kodwa ngike ngizibuze ukuthi ngabe kwaba wumqondo ophusile yini ukuthi leli qembu limbuyise?
Kodwa okwenzekile, sekwenzekile. Kuwathikamezile amaqhinga ka-Solskjær ukubuya kwalo mdlali. Ukucindezela ukuze iqembu liwine ibhola yinto angayenzi uRonaldo. Abadlala ezimpondweni uMason Greenwood noMarcus Rashford/Jadon Sancho abawuthandisisi umsebenzi wokusiza abadlala ngemuva kwabo, nokwenza kuvuleke amasango kalula emuva uma uLuke Shaw noma u-Aaron Wan-Bissaka beke baya phambili.
ILiverpool, Chelsea neManchester City badlala ibhola elihle impela kodwa okubenza behluke, indlela abacindeza ngayo uma belahle ibhola nendlela abakwazi ukusizana ngayo emuva. KwiCity abadlali baphambili bayasiza esiswini, abaseswini bayasiza emuva, njll. Noma kuhlaselwa kuyefana, uthola i-right wing back idlala esikhaleni esivame ukuthathwa wunombolo 10.
Kuningi okusamele kulungiswe kuleli qembu, ngokwami ukubona sekudingeka umqeqeshi oseke wanqoba izicoco emaqenjini amakhulu e-Europe njengo-Antonio Conte okwaziyo ukuxazulula izinkinga ezibhekene neqembu, akalindi kuze kuphele amasizini amane kulokhu kuthiwa uyakha.