UKUBONAKALA kuka-Ernst “Mazinyo” Middendorp emdlalweni weMaritzburg United neHighlands Park ngempelasonto ehleli nosihlalo weTeam of Choice, uFarook Kadodia, nethimba leqembu kungase kudale imibuzo kwabaningi.
IMaritzburg ishaye iHighlands Park ngo 2-1 eHarry Gwala Stadium, eMgungundlovu, emdlalweni we-Last 16 yeTelkom Knockout (TKO).
Kuke kwaba nemibiko ethi uMiddendorp, odabuka eGermany, uzanyelwa isikhundla njengeTechnical Director kwiTeam of Choice. Umqeqeshi weMaritzburg, uFadlu Davids, akakufihli ukuzwana kwakhe noMiddendorp ambiza ngomqeqeshi owampheka futhi abukela kuye.
Nokho uDavids uchazile ngokubonakala kukaMiddendorp eMgungundlovu ogcine ebholeni laseNingizimu Afrika ngo-2016 epheka iChippa United ashiya kuyo kungasekuhle.
“Ngingakujabulela ukuphinde ngisebenze naye (uMiddendorp) kodwa ngeshwa kubonakala sengathi ngeke kwenzeke. Kuke kwaba nezinkulumo ngasekuqaleni kwesizini edlule zokuthi azosiza njengeTechnical Director ngoba besifuna abhekelele abadlali abancane eqenjini. Kodwa njengamanje wenza lowo msebenzi kwiBangkok United futhi usalelwe yinkontileka yonyaka nayo,” usho kanje uDavids.
Uthe uMiddendorp useholidini njengoba eseNingizimu Afrika kulezi nsuku.
“Iligi asebenza kuyo ivaliwe njengamanje, ngakho useholidini. Ngizohlala naye isikhashana ukuze sixoxe ngokuthile. Unemizi emibili eGoli, ngakho usazoba khona isikhashana. Uzokhumbula ukuthi ushade nentokazi yakuleli ngakho usazohlala lapha, hleze aphinde avakashele nasePort Elizabeth ngaphambi kokuthi athi qu eGermany,” kuqhuba uDavids.
UMiddendorp ungumakadebona ebholeni. Useqeqeshe iKaizer Chiefs, Maritzburg, Lamontville Golden Arrows neChippa United. Abanye babadlali eNingizimu Afrika bamthatha njengomqeqeshi ongananazi, oqonde thwi njengothi lomkhonto.
UMiddendorp ungomunye wabaqeqeshi abangayizwa nhlobo indaba yebhola elidle ngomjiko. Phakathi kwabadlali abagxeke esidlangalaleli ngokudlala ibhola elidle ngomjiko wu-Emmanuel “Scara” Ngobese, abemqeqesha kwiChiefs kusuka ngo-2005 kuya ku-2008.
Omunye uJabulani “JB” Ncubeni ogijimela AmaZulu FC. UNcubeni noMiddendorp kuthiwa baxabana into engasukumi phansi esagijimela iMaritzburg ngo-2009 kuya ku-2011.