Mhleli: Ephephandabeni lakho esilikhonzile ngicela ukuphefumula ngeKaizer Chiefs engiyilandelayo. Yebo, Mhleli angivume ukuthi ezemidlalo kusuke kudlalwa nje kodwa kubantu abaningi ezemidlalo seziphenduke impilo.
Ngiphawula ngale ndlela iKaizer Chiefs edlala ngayo. Le kilabhu iyona enabalandeli abaningi eNingizimu Afrika futhi inabalandeli nasemazweni ase-Afrika nangaphandle kwe-Afrika. Sekuphele isikhathi eside ingenandebe futhi yahluleka ngisho ukungena kuTop 8 ngesizini edlule. Yafika emdlalweni wamanqamu weNedbank yadliwa yiTS Galaxy eyiqembu elisemazingeni aphansi.
Nakhu lapho ngikhona, le kilabhu abalandeli bayo bazidela noma lina noma likhipha umkhovu etsheni ukuthi baye kolibuka, abanye babo basebenzisa imali yabo yokugcina baye kolibuka lidlala. Abanye babo banqamule imimango beya kwezinye izifundazwe beyobuka leli qembu kodwa lifike lenze isiqinisekiso sokuthi liyabaphoxa.
Umbuzo uthi koze kube nini leli qembu lenza umbhedo onjena. Liphinde ladliwa yiPirates kwiCarling Cup ngoMgqibelo. Njengenjwayelo baphoxeke baphela abalandeli balo futhi sebeyinhlekisa kubalandeli bePirates
Nginombono wokuthi thina balandeli ake siyeke ukuyolibuka uma lidlala leli qembu lethu mhlawumbe abadlali nabaphathi balo bazoke balungise isimo sokudlala kwalo, phela ayikho le nto. Ibuhlungu le nto. Labadlali bahola ezinkulu izimali ekupheleni kwenyanga kodwa abalandeli bakhala zonke izimpelasonto. Ake siyeke ukuyobabuka ukuze balungise isimo sokudlala kwabo
Ngiyazi bakhona abazophikisa bawugxeke lo mbono kodwa iqiniso yiqiniso. Syayithanda ikilabhu yethu kodwa sibukelwa phansi yizikhulu zayo kanjalo nabadlali. Sesikhathele bakwethu, siyinhlekisa ngisho kubasakazi, basakaza bechoma ngokudliwa kwethu, bahlekisa ngathi.
Ake sime ukuyobabuka hleze bazobuyelwa eyingqondo balungisise ikilabhu
Mfanfikile Sibisi
ENgonyameni