PHAKATHI kwezinto okumele sizamukele empilweni yile nto yokuthi asisoze sivumalane ngayo yonke into, akukhathalekile ukuthi sinabuphi ubudlelwano.
Ngisho abangani abangamathe nolimu bahlale bahlale bangaboni ngaso linye ngezinto ezithize. Angiyiphathi eyezithandani.
Ukungaboni izinto ngendlela efanayo kuhlale kuzoqhamuka uma abantu bethandana bese kuba kubona ukuthi bakuxazulula kanjani ukungaboni kwabo izinto ngendlela efanayo.
Kuba nzima-ke ngezinye izikhathi uma labo abebethandana sebehlukene kanti kunezingane okumele bazikhulise.
Yilapho-ke okuvela khona ukuthi bakhule kangakanani ngokomqondo ngoba phela kusuke kufanele banakekele izingane yize besuke bengasathandani.
Kuba kubi kakhulu uma abazali okumele banakekele izingane beyinkukhu nempaka ngoba lokho kugcina kuphazimise into ebaluleke kunazo zonke kubona bobabili – ukukhulisa izingane ngendlela eyiyona.
Kulesi simo abazali kumele bakubeke eceleni ukuthi bona behluleka ukunakekela uthando lwabo, bahambise phambili inhlalakahle nokukhula kwezingane.
Vele izingane zisuke zingeyona imbangela yokwehlukana kwabo futhi akumele zikuzwe ukuthi bona basuke bengasafunani nhlobo, sebeyizitha.
Ngiyazi ukuthi umfundi uzozibuza ukuthi kazi umvalelandlini wakhona lo umenzeni lo mfana wakwaNdlovu, nakhu esebuya ezenza umfundisi eseluleka abantu abangasadlelani ngokothando.
Cha angiqonde kona ukunkanta kuleyo ndawo, yikona phela ukuthi bese kuvuke lokho bunjalo bami bokujikeleza ngaphambi kokuthi ngihlale endabeni.
Into engenze ngahlala phansi ngadla amathambo engqondo ngokukhulu ukunengeka lokhu, yilo mhlolo owenzeka phakathi kwePremier Soccer League (PSL) neSouth African Football Association (Safa).
Okwenzeka kulezi zinhlangano zebhola laseNingizimu Afrika kubuye kucasule nje, uma ucabanga ukuthi badala kangakanani laba bantu abafuna ukukhombisana ukuthi ubani oshaya amaphiko phezu komunye.
Into ebisematheni yindaba yokuthi izobuya nini imidlalo yePSL eyaphazanyiswa ukuqubuka kweCoronavirus ngasekuqaleni konyaka. Le midlalo kugcine kuvezwe ukuthi izobuya ngo-Agasti 8.
Okunenga kakhulu wukuthi iPSL neSafa bebelokhu bedonsisana esikhundleni sokuthi kuphunywe nesisombululo sokuthi ibuyela nini imidlalo ensimini.
Angifuni ukuzifaka ekutheni iyiphi inhlangano ebiphuma eceleni kulolu daba kodwa okubalulekile wukuthi uhulumeni ubevele esevumile ukuthi ibhola lingadlalwa, kulandelwa imigomo ethile njengoba kuneCorona.
Okuhlalukayo lapha wukuthi iPSL neSafa ababoni ngaso linye yize kugcine ngokuthi kuhlaluke ukuthi izobuya nini imidlalo. Lokhu kuyinto engalisizi ngalutho ibhola laseNingizimu Afrika. Kusiza ngani ngempela ukufuna ukukhombisa ukuthi ubani umakhonya ebholeni laseMzansi?
Akusizi ngalutho ngaphandle kokuthi kuchitha isikhathi, kuphinde kushiye abalandeli bakanobhutshuzwayo bedukuza oswini ngokuthi yikuphi okuzokwenzeka.
Emasontweni edlule iPSL ithe yona seyikwenze konke futhi ikulungele ukuthi imidlalo iqale. Empeleni usihlalo wePSL, u-Irvin Khoza, ukhulume kwacaca ukuthi konke sekulele kwiSafa mayelana nokubuya kwemidlalo ngoba bona bese bekwenze konke obekumele bakwenze.
NgokwePSL imidlalo yeligi bekumele ibuyele enkundleni ngempelasonto ka-18 Julayi ukuze iphothulwe ekupheleni kuka-Agasti.
Kudlule izinsukwana iSafa yakhipha isitatimende lapho ithe onompempe bayo abakakulungeli ukudlalisa ngoba bebengazivocavoci ngenxa yeCorona.
Iveze ukuthi imidlalo ingaze ibuyele enkundleni ngo-Agasti 1 (kusasa), lapho onompempe bayo beyobe sebeyimiqemane.
Konje yini engenza ukuthi onompempe bangazivocavoci kube kukhulunywa indaba yokuqedela imidlalo yePSL?
Uyazi ngivele ngezwa umoya wami ushona phansi ngesikhathi kuhlaluka ukuthi ikhohlisana ihlomile kwiPSL neSafa. Kuyoze kube nini izinhlangano zidonsisana kanje ngokuphathwa kwebhola eNingizimu Afrika?
I-PSL neSafa kumele bakuqonde ukuthi akukho mayelana nabo kodwa kumayelana nebhola nabalandeli abazifelayo ngalo.
Anginandaba ukuthi wubani obeqinisa ikhanda phakathi kwabo kodwa into ebalulekile lapha wukuthi kumele bafunde ukubambisana uma kukhulunywa ngebhola nabalandeli, bashiye eceleni ukungaboni kwabo ngaso linye.
Kusiza ngani ngempela ukuthi abazali bahambise phambili ukuzondana kwabo (ngoba bengasathandani) bese izingane zithelwe amachaphazelo?
Akuyona into okumele yenzeke leyo uma kungukuthi abazali bayazithanda bobabili izingane zabo.
Noma kungathiwa kukhona olwa impi yokuthi usamthanda omunye, kumele akubeke eceleni lokho uma kukhulunywa ngezinto ezithinta izingane.
Angiyazi impi yePSL neSafa ukuthi iqala kuphi igcine kuphi nokuthi empeleni kubangwani.
Kodwa okubalulekile njengamanje wukuthi kumele kuqedelwe imidlalo ukuze kulungiselelwe isizini ezayo.
Uma izinhlangano zilithanda futhi zilihlonipha ibhola, azibeke eceleni ubutha bazo zihambise ibhola phambili.
Sivele isikhathi sesimomolotwe yingcanga ngenxa yegciwane esibhekene nalo. Ngakho asikho isidingo sokulokhu kuphikiswana.
Kuhle kona ukuthi imidlalo sekuqinisekisiwe ukuthi izoqedelwa kodwa iPSL neSafa kumele bashintshe indlela abenza ngayo izinto.
Kuyohlale kungekuhle ukuthi impi yabazali abazondanayo, igcine isicekele phansi inhlalakahle nokukhula kwezingane ezingenacala.
Ngicela ukuthatha leli thuba ngivalelise futhi ngibonge kubafundi beSolezwe nale ngosi. Lena bese kuyingosi yami yokugcina njengomsebenzi waleli phephandaba. Shwi!!
Ibhalwe nguSIHLE NDLOVU, obengumhleli wezemidlalo kwiSolezwe abesehlale kulo iminyaka engu-14.