MHLELI: Akungethusanga nakancane ukwesula isigubhukane kukaMilutin “Micho” Sredojevic ekucijeni iBhakabhaka.
UMicho ubesesebenza ngaphansi kwengcindezi vele emuva kokuthi ehlulekile ukusiwinela okungenani indebe eyodwa nje ngesizini eyedlule. Ukudidizela nokuba yinhlakanhlaka kwabadlali bePirates ngesinye sezizathu eziholele ekwesuleni kwalo mqeqeshi ngoba ebona ukuthi nakule sizini uzongena ehlazweni lokungawini lutho uma esenabadlali abangazimiseli njengalaba abadlalela iPirates.
Ukuphumela kwakhe obala ngokuthi ukuba kuya ngaye ngabe uThulani Hlatshwayo usejoyine Ezimnyama kucacisa bha inselelo ebhekene nabaqeqeshi bePirates yokungabi namandla okuzithathela izinqumo uma sekuziwa ekuthengeni abadlali. Nginesiqiniseko sokuthi ubengeke akudalule lokho ukuba ubesahleli kweziMnyama kwazise akuvumelekile ukuthi umqeqeshi azikhombele abadlali.
Lolu hlelo lokuthengelwa kwabaqeqeshi abadlali angazi noma u-Irvin Khoza uyabona yini ukuthi seluphelelwe yisikhathi kweZimnyama. Nalo baba okhulumela iqembu kumele alishiye ngoba kuyacaca ukuthi kuyamhlula ukusebenza kwPirates. UFloyd Mbele uneminyaka engaphezulu kuka-15 esebenza kwiBhakaniya kodwa akaze ayiwinele lutho le kilabhu yethu.
Lo mqeqeshi ohambile uyalazi ibhola ngiyamvuma, inkinga abebhekene nayo yile yokufunzwa abadlali angabadingi. Ungawuhamba uwuqede umhlaba akekho umqeqeshi osebenza ngempumelelo uma engazithengeli abadlali. Umqeqeshi ohlonishwa umhlaba wonke uPep Guardiola, oqeqesha iManchester City, kuthiwa uma ehlunga abadlali kuleli qembu asuke eqashwe kulo ufike ehlole ukuthi uyalazi ibhola ebese esebenzisana nodokotela bengqondo ukuhlola ukusebenza kwenqgondo yakhe.
Yingakho noma yiliphi iqembu elisuke liphethwe nguye lidlala ngendlela ayifunayo. UGavin Hunt ungomunye wabaqeqeshi okungelula ukumbona eqeqesha iPirates ngoba izimfuno zakhe zithi uma umnika umsebenzi wokuqeqesha uzozikhombela abadlali aphinde aziqashele isekela lakhe. Hhayi lo mhlola esiwubuka wenziwa nguMbele kwiPirates. Nangesizini ka-2018/2019 ngawazisa amaBhakabhaka ukuthi angeke sithole lutho. Nakule ka-2019/2020 maningi amathuba okungatholi lutho. Into engiyinxusayo kumaBhakabhaka ukuthi asimeseke Rulani Mokwena ungumqeqeshi osemncane unekusasa eliqhakazile, uyaqala ukuqeqesha njengomqeqeshi ozimele.
Akusasisizi maBhakabhaka ukufaka ingcindezi yokuthi kuqashwe abaqeqeshi abanamagama ekubeni inkinga ingaphakathi eqenjini. No-Eric Tinkler waqala ukuqeqesha ngePirates wafika wagila izimanga, kuyimanje ungomunye wabaqeqeshi abahamba phambili ebholeni laseNingizimu Afrika.
- Eugene Biyela