ISIMO iCell C Sharks ekuso kwiCurrie Cup nonyaka senza ukuthi iye emdlalweni wayo wangoMgqibelo neVodacom Blue Bulls iphoqelekile ukuthi inqobe kungenjalo ngeke isivikele isicoco esinqobe nyakenye.
ISharks, ezinze eThekwini, izimbele umgodi ishaywa kabili. Inqobe imidlalo emithathu kwesayidlalile.
Zizoya emdlalweni obhekwe ngabomvu ngoMgqibelo ebusuku iSharks isendaweni yesine namaphuzu awu-14 emidlalweni emihlanu.
Lokhu kusho ukuthi uma iBulls (esendaweni yesithupha ngamaphuzu ayisishiyagalolunye) inganqoba ngephuzu lebhonasi kwiSharks, izongena kuma-semi final.
Lokhu kwenza ukuthi oShaka babe nengcindezi enkulu yokunqoba emdlalweni ozobe udlalelwa eLoftus Versfeld, ePitoli.
UKerron van Vuuren odlala kwi-hooker kwiSharks, ubona benganqoba ekuhambeni kwiBulls, nakuba ekuqonda ukuthi ngeke kube lula neze.
“Kufanele sinqobe kwaphela kwiBulls, futhi sinqobe ngamaphuzu amaningi. Ngisola ukuthi iBulls iyazi ukuthi kufanele inqobe kithina ngamaphuzu awu-25 kuya phezulu. Lokho ngeke kwenzeke. Engizama ukukusho wukuthi kufanele sinqobe kumnyama kubomvu,” kusho uVan Vuuren.
Uthe bayazi ukuthi aziyihambeli kahle izinto kule sizini iBulls. Empeleni iBulls isengcupheni yokugawulwa yizembe uma ingashaywa yiSharks.
“I-Bulls ifana nebhubesi elilimele, ngakho izoba yingozi kakhulu ekhaya. Ngaphandle nje kwalokho iyiqembu eliziphakamisayo, eliziqhenyayo, ngeke bavume ukushaywa ekhaya kalula. Kodwa asifuni ukuzihlupha ngesicabanga ukuthi bazokwenza, sizoya thina sifuna ukunqoba kwaphela ngoba sibona sinethuba lokudlalela ekhaya umdlalo we-semi final,” kusho uVan Vurren.
Eminye imidlalo yeCurrie Cup ngoMgqibelo, iTafel Griquas izobhekana neXerox Golden Lions ngo-3 ntambama, iToyota Free State XI izodlala neDHL Western Province ngo-5.15 ntambama. Usuku luzosongwa yiBulls neSharks ngo-7.30 ebusuku.