UMQEQESHI we-Orlando Pirates, uMilutin “Micho” Sredojevic, ubona sekuyisikhathi sokuthi leli qembu liwine izindebe emuva kokwakha isisekelo esiqinile ngesizini ka-2017/2018.
I-Pirates iqede isizini isendaweni yesibili kwi-log ye-Absa Premiership emuva kokushisisa umbango phakathi kwayo nompetha iMamelodi Sundowns. Ngalokhu izibekisele indawo kwiCAF Champions League. UMicho uchithe isizini yonke ka-2017/2018 ekuphebeza ukuthi basembangweni wesicoco seligi ngisho sekuyilona lodwa iqembu ebelibukeka lisengaphazamisa iSundowns.
Ubelokhu ethi basazama ukusula izinyembezi zabalandeli abazikhale ngesizini ka-2016/2017 lapho iPirates iwine khona imidlalo eyisithupha kuphela. “Uma ngibuka isizini esiphuma kuyo ngingasho ukuthi asinaso isizathu sokuba nehaba, ukuziqhayisa nokukhuluma kakhulu. Lokhu kujwayelekile ebhejini le-Orlando Pirates ngenxa yobukhulu bayo. Kodwa ngifuna ukutshela abalandeli ukuthi sesisakhile isisekelo esibeka phambi kwethu umsebenzi obalulekile,” kusho uSredojevic.
“Okokuqala wukuhlaziya ukuthi yibaphi abadlali okufanele sibasayinise nokuthi obani okufanele sibabale njengabengeza isibalo. Kufanele siqoke abazoqhubeka nomsebenzi wokwakha indlu ngoba sesisakhile isisekelo. Lokho wukuwina izindebe. Izindebe ziyeza, kufanele ngikusho lokhu. Sineligi enzima kodwa kufanele ngibheke ukuthi imidlalo engu-15 esiyiwinile ayanele. Kufanele siwine engaphezulu, siphendule esiyidlale ngokulingana ibe ngamawini. Kwengu-10, eyisishiyagalombili bekufanele siyiwine. Kodwa ibhola linjalo.”
Ngesikhathi uMicho ebuya kwiPirates ekuqaleni kwesizini akakufihlanga ukuthi ufuna ibuyele emiqhudelwaneni yeCAF. Kulokhu eZimnyama zizohambisana neSundowns kwiChampions League. IKaizer Chiefs izolinda ozowina iNedbank Cup phakathi kweFree State Stars neMaritzburg ukuthola ezohambisana naye kwiCAF Confederation Cup.
“Siyazi lapho sinezinkinga khona nalapho esiqine khona. Ngesikhathi ngifika lapha sithatha umsebenzi noRulani (Mokwena) siqoke ukusebenza ngokubambisana nalo lonke ithimba ukukhombisa ukuthi yini engenziwa amandla okuqeqesha. Sizojula ngayo yonke indlela uma sesicubungula, sikhuluma nabadlali. Bayafuna ukuthuthuka nokwenyusa izinga. Sijabule ngokunye kodwa kusafanele sibhukule ekuqedeleni amathuba ukuze sifinyelele ezingeni labase-Afrika lapho kwesinye isikhathi imidlalo icaciswe amagoli ambalwa,” kusho uSredojevic.
“Emdlalweni weSundowns neWydad Athletics iphutha elincane lenze umehluko. Kufanele sikwazi ukuqeda ngamaqembu iphinde ibe ngcono indlela esimaka ngayo. KwiChampions League sibheke ukuphephezelisa ifulegi. Njengomuntu oseke wabhukuda emfuleni onezingwenya, ngiyakwazi ukubhukuda laphayana ngayo yonke indlela. Kusukela eMorocco kuya eKapa kuyoshaya phezulu eCairo. NgoDisemba uma sesazi iqembu esizobhekana nalo sizohlela ngendlela efanele. Inhloso wukungena kowamaqoqo, sinyukele kuma-quarterfinal, sifinyelele kowamanqamu. Leli yiphupho enginalo njengomqeqeshi, bengilokhu nginalo eminyakeni engu-18. Kufanele senze konke okusemandleni ukufaka inkanyezi yesibili eyiphupho lethu sonke kwiPirates.”