OWAYENGUMDLALI weBidvest Wits, uDillon Sheppard, udonse ngendlebe uVincent Pule osejoyine i-Orlando Pirates wathi nakuba kuzoba nzima ukuthola indawo esikimini somqeqeshi uMilutin “Micho” Sredojevic kodwa angayishintshi indlela abeziphethe ngayo kwiZithudeni.
UPule (26), waseFree State, umenyezelwe njengomdlali omusha wePirates nabanye abayisishiyagalombili ngesonto eledlule. Unqabile ukuvuselela inkontileka neWits ngenxa yokuphendulwa ukudla kwebhentshi ngumqeqeshi uGavin Hunt kumasizini amathathu awahlale ngaphansi kwakhe. USheppard, osengumqeqeshi weqembu lika-U/19 leWits, ubange ijezi noPule ngaphambi kokuphanyeka amakhokho emgibeni. Uthe angayishintshi indlela aziphatha ngayo noma izinto zingamhambeli kahle ukuze aqhakaze kwiPirates.
“Kufanele uma engadlali aqhubeke nokusebenza kanzima. Unomqondo omuhle, noma engadlali akukaze kube nenkinga ngaye kodwa ubehlala esebenza kanzima. Nginesiqiniseko sokuthi uma efika laphayana eqhubeka kanjalo uzothola amathuba amaningi okudlala. Kodwa uma esenkundleni kufanele azibonakalise,” kusho uSheppard.
“Ukulahlekelwa ngumdlali wasophondweni lwakwesokunxele kuhlale kunzima. Usebenze kahle kwiWits sekuzophela isizini. Kodwa usehlale amasizini amathathu, kwesinye isikhathi abadlali kufanele baqhubekele phambili bayoqhakaza kwenye indawo. Lokhu akuhlangene nokuthi ubedlala kanjani kwiWits okuholele ekutheni athathe isinqumo sokuhamba. Ngimfisela inhlanhla.”
Ukusayinisa kwePirates abadlali abaningi kusho ukushuba kombango wezindawo esikimini sikaMicho. Iphini likaSredojevic, uRulani Mokwena, liphumele obala emasontweni adlule ngokuthi bazoliqinisa kakhulu iqembu ngaphambi kokuqala kwesizini ka-2017/2018. IPirates izoqala umkhankaso wokuwina umqudelwano iCAF Champions League. Ngaphandle kukaPule, isayinise uKudakwache Mahachi obekwiLamontville Golden Arrows, Meshack Maphangule obeyinjini yeBlack Leopards, Abel Mabaso, Paseka Mako noLinda Mntambo abasuka kwiChippa United. Abanye nguBrilliant Khuzwayo obekwiKaizer Chiefs, Ben Motshwari obekwiWits no-Asavela Mbekile obekwiMamelodi Sundowns.
“Kuzoba nzima kuyena. Kuzoba nzima kunoma yimuphi umdlali ojoyina i-Orlando Pirates ngoba ithenge abadlali abaningi futhi ikhombisa ukunyusa izinga ngaphansi komqeqeshi omusha. Ukuya kwakhe laphayana kuzodinga ukuthi asebenze ngempela. Ukulesi sikhathi esifanele lokho, uneminyaka engu-26. Kufanele azikhandle. KwiWits ayikho ingcindezi, abekho abalandeli futhi akulindelwa izinto ezinkulu. Kuzoba nzima kodwa ungumdlali osezingeni eliphezulu, kuzoba sezandleni zakhe,” kusho uSheppard.