INKAKHA yase-Uganda eke yadlalela iKaizer Chiefs eminyakeni edlule uDavid Obua, ithi umdlali wasemuva osanda kusayiniswa Amakhosi, uGodfrey “Wally” Walusimbi, kuzomsiza ukuthi asheshe ajwayele kuleli qembu, kungenjalo bazomjikela abalandeli.
Ngokusho kuka-Obua, abalandeli beChiefs abanaso isikhathi sokunesana nomdlali ofikayo ngenxa yendlala yezicoco ezingasaziwa eNaturena.
UWalusimbi usayiniswe iChiefs emasontweni edlule, imlanda kwiGor Mahia yaseKenya. Usayine inkontileka yeminyaka emithathu neZimpofana.
“Ngicabanga ukuthi usenkingeni yokuthi kufanele asheshe ajwayele kwiChiefs, aphinde adlale ibhola elihle kungenjalo uzohhewulwa yizihlwele. Uzokhumbula ukuthi iChiefs sekunesikhathi ingazinqobi izicoco ngakho abalandeli abakwazi ukubekezela bafuna imiphumela ngokushesha. Ngibona kuzomlekelela ukuthi ukwazi ukudlala ezindaweni ezahlukene emuva, angimboni ezoba nenkinga yokuthola ijezi,” kuchaza u-Obua okwamanje osekhaya eKampala, e-Uganda.
Abalandeli bebhola bakuleli basekude ukukhohlwa u-Obua, ikakhulukazi labo beChiefs ne-Orlando Pirates. U-Obua usayine kwiChiefs ngo-2005 waze wayishiya ngo-2008. Ube ngumdlali wonyaka kwiPremier Soccer League ngesizini ka-2006/ 2007.
U-Obua wathumela umyalezo oshisayo kwizimbangi zeChiefs ngesikhathi ebingelela ngenguzunga ngo-Okhotha wango-2005, eshaya igoli Amakhosi edlala neBhakabhaka.
Kuthe ngo-2007 waphinde washaya elinye igoli emdlalweni wabakhaya baseSoweto, ngesikhathi iChiefs nePirates bedlala ngokulingana ngo 2-2, e-Absa Stadium, eThekwini.
Eqhubeka echaza ngoWalusimbi, u-Obua uthe lo mdlali wasemuva akufanele anake okushiwo izihlwele kodwa kumele adlalele iqembu okuyilona elimqashile.
“IChiefs yiqembu elikhulu. Lokhu kusho ukuthi linabalandeli abaningi. Kuningi abazokusho, okunye kuhle okunye kubi. Yena kufanele adlalele iqembu, hhayi abalandeli. Nginethemba nokho ngoba abaphathi beChiefs baliphethe iqembu ngobunono futhi bangomakadebona. Ngibona ukuthi bazomphatha kahle, kepha naye kufanele enze umsebenzi enkundleni,” usho kanje u-Obua owenza izifundo zokuqeqesha ngaphansi kwe-Uefa, azenzela eScotland.
UWalusimbi useke walithola ijezi kwiZimpofana ngeledlule, ngesikhathi zishaywa iSuperSport United ngo 1-0 emlenzeni wesibili kwiMTN 8. Okugqamile ngoWalusimbi kulo mdlalo ukuthi unesipiliyoni, futhi unamandla akanankinga yokufaka unyawo.
Emdlalweno olandelayo we-Absa Premiership iChiefs izovakashela iCape Town City eCape Town Stadium, eKapa, ngoSepthemba 15.