ISouth African Sports Confederation and Olympic Committee ayikugqizi qakala ukusabisa kobeyisikhulu sayo esiphezulu uTubby Reddy nokujutshwa kwekhomishani ezohlola ukuphathwa kwale nhlangano nguNgqongqoshe wezeMidlalo eNingizimu Afrika, uThulasi Nxesi.
Lokhu kuvezwe ngoyiphini layo uBarry Hendricks ngesikhathi esohlelweni lwezemidlalo kwesinye seziteshi zeSouth African Broadcasting Corporation ngoLwesithathu ebusuku.
UReddy wesabisa ngokudlulisa isinqumo ngemuva kokuxoshwa kwakhe kule nhlangano kulandela ukuthi isigungu esiqondisa ubugwegwe simthole enecala lokuhlukumeza ngokocanzi owesifazane osebenza naye ekomkhulu leSascoc.
“Wonke umuntu waseNingizimu Afrika unelungelo elikuMthethosisekelo lokuzwakalisa uvo nokudlulisa icala uma engenelisekile yisinqumo.
Thina asinankinga uma ebona ukuthi kungcono asedlulise ngoba salandela yonke imigudu eshicilelwe kumthethosisekelo wenhlangano ukuqinisekisa ukuthi akukho okungahambanga ngendlela,” kuchaza uHendricks.
Ephendula umbuzo weSolezwe ngeSonto ukuthi ngabe sebeqalile yini ukuphuma umkhankaso wokuthungatha omunye umuntu ozokuba yisikhulu esiphezulu endaweni kaReddy, uthe abajahile njengoba isigungu sale nhlangano sizohlangana ngoJanuwari 23.
“Njengamanje kusabambe uPatience Shikwamabana kwesesikhulu esiphezulu. Kusazohlangana isigungu seSascoc ngoJanuwari 23 okuyoba kulowo mhlangano lapho kuzothathwa khona isinqumo ngokuqashwa kwesikhulu esiphezulul,”kusho uHendricks.
UShikwambana akayena umafikizolo kule nhlangano njengoba ebevele eqhoqhobele esokuba yiChief Operations Officer (COO) kanti uhlome ngeziqu zomthetho.
“UPatience Shikwambana nguyena osabambilie ekubeni isikhulu esiphezulu. Ayikho imizamo njengamanje yokuthola umuntu ozongena kule sikhundla kuze kube kuhlangana isigungu esiphezulu seSascoc ngoJanuwari 23, 2018,”kusho uHendricks ngomqhafazo.
UReddy obethathwa njengesandla sokuphosa sikamengameli wale nhlangano uGideon Sam, ubekade emisiwe kusukela ngonyaka odlule ngesizonsolo sokupotoza omunye wesimame osebenza emahhovisi eSascoc, okuyinto ayiphikayo.
Ekuphikeni kwakhe uze wesabisa ngokuthi lesi sinqumo sokumxosha uzosidlulisela phambili ukuze ageze igama lakhe.
Le nhlangano ebhekene nale ngwadla yokungabinaso isikhulu esiphezulu isabhekene nenye yokwehluleka ukuba nomhlangano wonyako lapho kufanele ichazele khona amalungu ayo ngokusebenza kwezimali.
Yacela ukuthi lo mhlangano ungabi khona ngoDisemba 31 ngenxa yokuthi amabhuku okusetshenziswa kwezimali abengakalungiswa ngendlela ukuthi asengadalulwa.