IMARITZBURG United isalokhu iqhubeke nokugoloza ukuyodlala kwiNational First Division (NFD) njengoba ivule ngamaphuzu amathathu, ochungechungeni lwemidlalo yokukhuphukela kwi-Absa Premiership. Igoli leTeam Of Choice lishaywe uThabiso Kutumela ngesiwombe sokuqala.
Iqembu lasekhaya belicindezela ngemizuzu eyishumi yokuqala. URushine De Reuck odlala emuva kwiMaritzburg ugezwe uPatrick Nyame ovimbela i-Eagles, ngemuva kwebhola elihle ebeligojwe uMxolisi Kunene ngomzuzu ka-12.
Empeleni bekucaca kulo mdlalo ukuthi iTeam Of Choice idlale isikhathi eside kwiPremiership ngenxa yamathuba amaningi ebiwakha, i-Eagles ilandela ibhola.
Ngomzuzu ka-29, uKutumela noKunene bekufanele babeke iMaritzburg phambili ngamathuba abawatholile bebhekene noNyame. Kodwa kwaphika inhlanhla kwazise i-Eagles ibishayisana emuva.
Ukusebenza kanzima kweMaritzburg kube nezithelo ngomzuzu ka-36 uKutumela eshaya elihle igoli, ngemuva kwesidididi e-18 ye-Eagles. Igoli lakhe lihlanganiswe uMohau Mokate noNazeer Allie.
Izamile ukushaya elokulinganisa i-Eagles ngomzuzu ka-45, uMphakamiseni Nene edonsa inguzunga yeshodi engaphandle kancane kwa-18, kodwa laphuma eceleni kwepali.
Ngesiwombe sesibili iMaritzburg iqhubeke lapho igcine khona, obekwenza ukuthi uSamuel Manganyi noPhilani Cele abayizitobha ze-Eagles basebenze kanzima emuva.
Ushintshile ingcindezi yabheka kwiMaritzburg ngasekupheleni komdlalo. I-Eagles ibisifuna igoli lokulinganisa sekunzima eqenjini lasekhaya ukungena engxenyeni enkulu ye-Eagles. UDiego Brown, Nene noStrydom Wambi bebedlala ibhola elihle maphakathi nenkundla kwi-Eagles.
Ngomzuzu ka-80 umgadli we-Eagles uNkosivumile Zulu ungqofele ngekhanda ibhola ebeliyodla enethini, ebeligotshwe uBrown. Nokho uRichard Ofori wayisindisa iMaritzburg walibamba kwahlokoma abalandeli abebengasakhululekile ngenxa yokumincela iqembu labo. Iphini lomqeqeshi kwi-Eagles, uBafana Nhlapo nemenja yaleli qembu uJames Dlamini bakhishwe ngamakhadi abomvu unompempe uVictor Gomez ngokukhuluma amagama aneziswana.
Umdlalo olandelayo weTeam Of Choice kulolu chungechunge lwemidlalo izowudlala neTshakuma Tsha Madzivhandila ngoLwesithathu ngo-3 ntambama.