ZIGCINE ziyitholile indawo kwiSouth African Football Association (Safa) izikhalo zabalandeli bebhola likanobhutshuzwayo baseMzansi ngokungafakwa kwenkanyezi phezu kwebheji ejezini leBafana Bafana.
Sekuneminyaka iSafa icasha ngesithupha ngokungafakwa kwenkanyezi ewuphawu lokuba ngompetha base-Afrika kweBafana eyawina i-Africa Cup of Nations (Afcon) ngo-1996.
Kube nenkombankombane ngaphakathi kwiSafa ngesikhathi uMzansi ungosokhaya beNdebe yoMhlaba ngo-2010, abalandeli befuna ifakwe inkanyezi. Phezu kokuba iBafana isigqokiswe yizinkampani ezehlukene, okukhona kuzo iKappa, Adidas, Puma neNike kodwa inkanyezi ayikaze ibonakale ejezini layo.
Inkontileka yeNike neSafa iyaphela emuva kwe-Afcon ese-Egypt. Kuthiwa iNike kayizimisele ngokusayina entsha. Inkampani I-Umbro neLotto sebevele bafake izicelo zokugqokisa iqembu lesizwe.
Izolo, esithangamini nabezindaba eGoli, uRusell Paul oyibamba lesikhulu esiphezulu kwiSafa, ukuqinisekisile ukuthi inkanyezi izofakwa ejezini leBafana elisha.
“Ngingakuqinisekisa ukuthi inkanyezi izoba khona ejezini elilandelayo.Konke bekubambeke kithina nakubaxhasi. Okunye lokhu kuhambisana nezindleko ngoba ijezi elinenkanyezi kufanele uligqoke emidlalweni ye-Afcon nasemidlalweni yokuyihlungela. Awukwazi ukudlala ngalo kweyokuhlungela iNdebe yoMhlaba. Lokhu kusho ukuthi kufanele ube namajezi ahlukene,” kusho uPaul.
Ezinye zezinto okungenzeka ukuthi zidalele iSafa isigcwagcwa kwiNike wukungadayiswa ngokwanele kwamajezi eqembu lesizwe. Umbandela ojwayelekile ezinkampanini ezigqokisa amaqembu wukuthi kufanele adayise namajezi.
“Ngokwenkontileka esinayo noNike sisaxoxa ngemibandela ethize ethinta ukuthi njengoba iphela sizoxoxa ngayo noma kuzohlukana izindlela. Zikhona izinkampani ezikhombisa intshisekelo kakhulu ekugqokiseni iBafana. Konke kuzocaca ezinsukwini eziwu-14 kusuka manje,” kusho uPaul.
“Indaba yokudayiswa kwamajezi kade siyisebenza kanzima nabaxhasi bethu. Inkinga esihlangabezana nayo yintengo yawo ngenxa yesimo somnotho esingesihle.”