OWAYENGUMGADLI weBafana Bafana uPhilemon Chippa Masinga ufisa bande omakadebona ababedlalela iqembu lesizwe kwiSafa
NAKUBA ekushayela ihlombe ukwanda komakadebona abadlala kwiBafana Bafana eqenjini lesizwe, uPhilemon “Chippa” Masinga, uthi akagculisekile ngesibalo salabo abasebenza enhlanganweni eyengamele unobhutshuzwayo eNingizimu Afrika iSouth African Football Association (Safa).

Umqeqeshi weBafana, uStuart Baxter, kuleli sonto umemezele ukuthi uzosebenzisana noShaun Bartlett ethimbeni lakhe labaqeqeshi emidlalweni emibili neSeychelles yokuhlungela i-African Cup of Nations (Afcon) ezoba seCameroon ngonyaka ozayo.

Omunye umdlali oke wagijima kwiBafana eminyakeni edlule osesebenza eqenjini lesizwe, u-Aaron “Mbazo” Mokoena, okhonjwa ehhovisini lemenenja yeBafana, uBarney Kujane.

UMasinga, owavalela phakathi igoli elafaka iBafana Bafana kwiNdebe yoMhlaba okokuqala ngo-1998, uthe kuhle ukwanda kwesibalo somakadebona kwiBafana kodwa kungakuhle bande kwiSafa.

“Ngibona kuwumqondo omuhle ukwanda komakadebona kwiBafana kepha ngokwami kungakuhle bande kakhulu kwiSafa ngoba kudingeka ushintsho. Uma nje ngingenza isibonelo, ihhovisi likaTechnical Director (uNeil Tovey) lidinga izandla eziningi zabantu abadlalile kwiBafana. Uma ngikhumbula kahle, iSafa ibikhuluma ngombono wango-2022 lapho khona ithi ifuna ukungena kwiNdebe yoMhlaba. Muningi kakhulu umsebenzi ofunekayo kuleliya hhovisi, uTovey uzodinga usizo lwabantu abaziyo futhi adlalile nabo. Ngeke akwazi ukuthi eyedwa ahambele izifundazwe eziyisishiyagalolunye, abheke abadlali, aphinde athungathe abaqeqeshi abasha,” kusho uMasinga.

Abanye abadlali abanqobe i-Afcon neBafana ngo-1996 abaqashwe yiSafa, nguHelman “Ncane” Mkhalele oqeqesha iqembu lesizwe labaneminyaka engaphansi kwewu-19 noTovey oyiTechnical Director.

ULucas “Rhoo” Radebe, oke waba ngukaputeni weBafana neKaizer Chiefs, ngomunye wabantu abaphumela obala ngokuthi bafisa ukuhola inhlangano eyengamele ibhola.

Empeleni uRadebe uke wazama nokungenela ukhetho lweSafa maphakathi nonyaka kodwa washaywa yimicikilisho nemibandela yangaphakathi kweSafa, ebiphika ukuthi angenele ukhetho.

URhoo ubelibeka ngembaba elokuthi iSafa idinga ushintsho nabantu abasebasha.

UMasinga uthe akakuboni nokuncane okungavimba iBafana ekutholeni amaphuzu ayisithupha uma isibhekene neSeychelles emidlalweni emibili elandelayo.

“Siwafuna ephelele amaphuzu kule midlalo emibili. Ngiyazi ukuthi la mazwe abizwa ngamancane aseke asithwalisa kanzima eminyakeni edlule kodwa leli yithuba lokulungisa lawo maphutha. Akufanele nakancane iBafana ithwale kanzima kule midlalo, kufanele inqobe,” kusho uMasinga.

ILog kaGroup E

Amaqembu PWDLPtsLibya21104

S. Africa21104

Nigeria21013

Seyechelles20020