KUPHENDUKE umkhuba ukujabulela amagoli kuLuther Sing nozakwabo abamboze iZimbabwe ngo 5-0 kowokuhlungela ama-Olympics e-Orlando izolo ebusuku Isithombe: BACKPAGEPIX
ISIKWATI sika-Under 23 saseNingizimu Afrika sizibeke ethubeni elihle lokuya kwi-African Cup of Nations Under-23 ibhubhise ontanga yabo baseZimbabwe ngo 5-0 emlenzeni wokuqala e-Orlando Stadium, eSoweto izolo ebusuku.

Indaba iqalwe nguLyle Foster ephakela uKobamelo Kodisang ibhola avule ngalo inethi ngomzuzu ka-17 noLuther Singh obeke elesibili ngomzuzu ka-35.

Sekusele imizuzu emihlanu ziye ekhefini, uTeboho Mokoena idonse intambo engaphande kwebhokisi wakhweza elesithathu.

Zibuye ekhefini kwaqhubeka lokho uSingh enamathisela elesine sekuphele ihora ngaphambi kokuthi uSipho Mbule anikeze uFoster ibhola abasele ngalo elesihlanu.

UMondli Mpoto obesezintini zeNingizimu Afrika, ubeseholidini ngenxa yokuthi isisu sezakhe besiyibhincisela nxanye iZimbabwe.

Umlenze wesibili useHarare ngeSonto ntambama.

Emzuliswaneni odlule iNingizimu Afrika idlule ngo 6-1 kwi-Angola sekuhlanganiswe imilenze emibili kanti iZimbabwe idlule ngo 2-0 kwiMoambique.

I-Afcon ka-Under 23 ise-Egypt ngoNovemba 12 kuya kuSepthe,ba 10.