UXOLA Mlambo we-Orlando Pirates ungomunye wabadlali okulindeleke ukuthi babe wuhlupho kwiKaizer Chiefs emdlalweni we-Absa Premiership eFNB Stadium, eNasrec, kusasa ngo-3.30 ntambama Isithombe: BACKPAGEPIX
INJINI ye-Orlando Pirates, uXola Mlambo, ibona ukudlalela ukuzibonakalisa kumqeqeshi kwabadlali beChiefs, kuzoba yinselelo kweZimnyama uma sebebhekene emdlaweni womkhaya.

IPirates izovakashela iChiefs emdlalweni womkhaya we-Absa Premiership eFNB Stadium kusasa ngo-3.30 ntambama. EZimnyama seziyehlule kathathu iChiefs kulandelana. 

Ziyithele isibhaxu ngasekupheleni kwesizini edlule kusaqeqesha uSteve “Mphathi” Komphela. Kulena, eZimnyama, ziwine kabili  Amakhosi eqeqeshwa nguGiovani Solinas okhonjwe indlela ngoDisemba. Ukufika kuka-Ernst Middendorp kuyivusile iChiefs esikhombisa ukuhlangana.

UMlambo ukholwa wukuthi ukushintsha kwezandla eNaturena yikhona okuzokwenza ukuthi umdlalo wabakhaya wakusasa ujiye uma kuqhathaniswa nedlule.

“Ngokwami, kuzoba wumdlalo wabakhaya onzima. Sesidlale nabo kathathu, sawina kuyona yomithathu. Bazoza benomfutho ngoba bafuna ukuzibonakalisa kumqeqeshi omusha futhi badlalela ekhaya. Kufanele sisebenze kanzima ngokuphindiwe kunakuqala uma sifuna ukuwina. Yibona okufanele beze kithina kodwa lokho akushintshi lutho,” kusho uMlambo.

“Irekhodi alisho lutho emdlalweni wabakhaya. Njalo uma udlala owabakhaya kuhlala kungohlukile, uhlala ufuna ukuwina. Uhlala ufuna ukusebenza ngokuphindiwe. Ukubhekana neChiefs ngeke kube lula ngoba yenza kahle futhi inomqeqeshi omusha abadlali abafuna ukuthatha iso lakhe.”

IPirates ihambela phezulu kulandelana ukushaya into ecokeme ibhekene ne-Esperance yaseTunisia emdlalweni we-CAF Champions League ophele zibambene ngo 0-0. IChiefs ikhishwe ingakangeni esigabeni samaqoqo seCAF Confederation Cup. 

Nokho uMlambo ukuphikile ukuthi bangcono kuneChiefs nakuba sebeyihlule kulandelana, wathi akukho ukuzithwala ekhempini yabo.

“Uma ubheka irekhodi labo, benza kahle. Badlulele emzuliswaneni olandelayo weNedbank Cup, thina siphumile. Lokho kusho lukhulu ngebhola ukuthi ngeke uziqhathanise izimo,” kusho uMlambo.

“Akukho ukuzithwala eqenjini, esengike ngakuqaphela. Asisoze sazithwala ngaphandle uma kuwukuthi lowo mdlali usendaweni engafanele. Uma udlalela iqembu elikhulu njengePirates kufanele uhlala ushaya into ecokeme, kufanele uhlale uzinikele ukunikeza u-110%.”

Ngakolunye uhlangothi, uMiddendorp okhuza ibuya eNaturena, akakaze ahlulwe yiPirates eqeqesha iChiefs. Egcina ukubhekana nePirates ngo-2006, yayiqeqeshwa uMilutin “Micho” Sredojevic ozophinde abe sebhentshini leZimnyama kusasa. 
Kulo mdlalo zadlala ngokulingana ngokulingana ngo 1-1. Kulo mdlalo iphini likaMiddendorp, uShaun Bartlett, lashayela iChiefs igoli lokulinganisa seliyoshona ilanga.

Imidlalo ye-Absa Premiership:

Namuhla: Maritzburg United v Polokwane City (Harry Gwala Stadium, 8pm)

Kusasa: Kaizer Chiefs v Orlando Pirates (FNB Stadium, 3.30pm); Highlands Park v Bidvest Wits (Makhulong Stadium, 3.30pm); Free State Stars v Chippa United (Goble Park, 6pm); AmaZulu FC v Cape Town City FC (King Zwelithini Stadium, 8.15pm)

NgeSonto: Baroka FC v Bloemfontein Celtic (Peter Mokaba Stadium, 3.30pm); Golden Arrows v SuperSport United (Sugar Ray Xulu Stadium, 3.30pm)