SEKUDLULE imidlalo ewu-33 engabonakali enkundleni uMonnapule Saleng we-Orlando Pirates oncengelwa yinkakha ukuba adedelwe noma anikwe lokhu akufunayo
Image: BACKPAGEPIX
OMUNYE wabagadli baseminyakeni edlule kwi-Orlando Pirates, uBruce Ramokgadi, weluleke iqembu lakhe lakudala ngokuthatha isinqumo ngekusasa likaMonnapule Saleng ngoba akekho osizakalayo njengoba kuqhubeka isikhathi kungacaci phakathi kokuthi uzogcinwa noma uzoxoshwa.
Yize iwu-33 imidlalo uSaleng emeqile kusukela amiswa isigubhukane esikimini sePirates kodwa indaba yekusasa lakhe isesematheni njengoba esemataniswa neKaizer Chiefs eyizimbangi ezinkulu zeZimnyama.
USaleng (27) wagcina ukubonakala esikimini sePirates emdlalweni wamaqoqo weCaf Champions League ngasekuqaleni kukaDisemba, nyakenye.
Ayikho imibiko yokulimala eseke yabikwa ngaye lo mdlali owashayela iPirates amagoli amahlanu, wakhela nozakwabo oyedwa elinye emidlalweni ewu-13 ayigijime kwiBucs ngesizini edlule.
Imibuzo ibisabalele kufanele ngokushiywa ngaphandle kwalo mdlali sakujeziswa ekubeni ngesizini ka-2022/2023, wayegqame kunabo bonke ngokwakha amagoli asiza leli qembu lidla indebe ye-MTN8 neNedbank Cup ngokwahlukana.
Ngendlela uSaleng ayegqame ngayo kwiPirates, waze wabizelwa kwiBafana Bafana okwalandelwa amahlebezi ayethinta amaqembu aphesheya kwezilwandle ayekhombisa izimpawu zokuchazeka ngaye.
Abazazi kangcono bathi umbango phakathi kukaSaleng nePirates uthinta izivumelwano zezinkontileka ezihambisana nemali.
Njengoba igama lalo mdlali lilokhu liqhubeka nokuba sematheni, uRamokgadi ubona sekuyisikhathi sokuthi iPirates ihlale phansi naye balungise inkinga noma bahlukane ngesihle.
“Isiqala ukuba muncu indaba yePirates noSaleng ngoba sesiside isikhathi kungacaci ngayo futhi isiyaphoxa,” kusho uRamokgadi.
“IPirates yiqembu eliikhulu, ngakho-ke ngibona kuyiyona enamandla okuqeda lolu ngabazane ngekusasa likaSaleng.
“USaleng usemabhukwini ayo ngakho-ke ingambiza noma yinini ihlale naye phansi kucace noma usafuna ukuqhubeka nokudlalela iqembu noma cha.
“Asikho isidingo sokuyiqhuba esinye isikhathi le nto ngoba iPirates kufanele inqume uma ifuna ukumgcina okuzolandelwa ukumnika kwayo lokhu akufunayo noma imdedele aye kwamanye amaqembu.
“Akuyisizi iPirates ukuqhubeka kwalo mdonsiswano ngaphandle kokuyehlisa isithunzi. USaleng uwumdlali oseqophelweni eliphezulu okufanele ngabe usenkundleni masonto wonke, ngakho-ke akumnandi ukumbona eduvile.
“IBafana iyabadinga abadlali abafana noSaleng njengoba imatasa nemidlalo yokuhlungela iNdebe yoMhlaba yangonyaka ozayo kanti ne-Africa Cup of Nations (Afcon) ilindile."
Kubhekwe ngabomvu ukuthi iPirates izokwenjani ngoSaleng njengoba izobuyela eSpain, ukuyolungiselela ukuqala kwesizini ezayo.