U-OSWIN Appolis obekwiPolokwane City usayine kwi-Orlando Pirates okuchayise iKaizer Chiefs
Image: BACKPAGEPIX
ISIPHEKEPHEKE seBafana Bafana, u-Oswin Appolis, obese kunesikhathi sishelwa amaqembu athathwa njengamakhulu eNingizimu Afrika sishwebise iKaizer Chiefs neMamelodi Sundowns siqoma kwi-Orlando Pirates.
U-Appolis oneminyaka engu-23 ubudala wethulwe yiPirates njengomdlali wayo omusha wesishiyagalolunye kusukela kuvuleke iwindi lokubhalisa nokuhwebelana ngabadlali abasha.
Nakanjani lokhu kuzosusa imvunge kubalandeli beChiefs ezinkundleni zokuxhumana.
Sesiside isikhathi u-Appolis oyingxenye yeBafana Bafana kaHugo Broos emataniswa neChiefs njengoba esegcine ephelele ezimbangini zayo ezinkulu.
Okuzokwenza le mvunge kube sengathi iphezulu ukuthi u-Appolis usayina kwiPirates nje, abalandeli beChiefs basetshisa ukumenyezelwa kwabadlali bayo abasha okube nebohlohlolo ngoLwesibili.
Yize kungekho abakhala ngakho kuNkanyiso Shinga kodwa bashaya amakhala ngomgadli uFlavio Silva obedlalela iqembu lase-Indonesia.
Okubakhalisa kakhulu yizinombolo zikaFlavio kwazise inethi uyibhakuzise amahlandla ayisishiyagalolunye kweyeligi enkulu yase-Indonesia engu-33 ngesizini edlule.