ZAKHELE XABA
I-ORLANDO Pirates ichayise iMaritzburg United igoloza nomdlali wasesiswini uSiphesihle "Mbesuma" Ndlovu, osizwa ngendaba isikimu kuleli qembu.
UNdlovu (26), oyibamba enkabeni yenkundla, usayine kwiPirates ngo-2019, kanti ubevutha engabaselwe kwiTeam of Choice ayisize yafinyelela kowamanqamu weNedbank Cup.
Nokho ukushintsha kwabaqeqeshi kweZimnyama, kumlahlekisele ngesikimu emuva kokuzanywa ezindaweni ezihlukene enkundleni. Kule sizini uNdlovu usadlale kabili, engena sekusele amanenjana kuphele umdlalo. Inkontileka kaNdlovu, nePirates, iphela ekupheleni kwesizini ka-2021/2022.
Usihlalo weMaritzburg, uFarouk Kadodia, uveze ukuthi iPirates 'imshaye isandla' ecela ukubolekwa uNdlovu 'obolela ebhentshini'.
"IPirates isitshele ukuthi iyesaba ukumdedela njengoba idlala kwiCaf Champions League. Inovalo lokuthi izoshoda ngabadlali uma kukhona abahaqwa yiCovid-19. UNdlovu ungumdlali obengasisiza eqenjini. Ngaphezu kwalokho besifuna ukumdlalisa ukuze akhombise iPirates ukuthi kumfanele ukuthola isikimu. Manje ikhono lakhe lipakiwe nje. Ngaphambi kokuthi asayine kwiPirates, ngamtshela ukuthi akahlale okungenani unyaka kithina. Kodwa ingcindezi yePirates yayinkulu kakhulu kuyena," kusho uKadodia.
Imenenja yePirates, uFloyd Mbele, ithe alikho iqembu elibathintile mayelana nokuboleka uNdlovu, wengeza ngokuthi izindaba zezinkontileka zabadlali abazikhulumi kwabezindaba ngoba ziyisivumelwano esiphakathi kwezinhlangothi ezimbili.
Nakuba iPirates inqabile ukubolekisa uNdlovu kwiMaritzburg kodwa imenenja yomdlali, uJazzman Mahlakgane, idalule ukuthi kusengenzeka abolekiswe kwelinye iqembu. UMahlakgane uveze nokuthi eZimnyama sezisebenzise umbandela wokwelula inkontileka kaNdlovu ngonyaka.
"Likhona iqembu elikhuluma nePirates mayelana nokubolekwa uNdlovu. Izingxoxo ziyaqhubeka. Ngizozwa maphakathi nesonto ukuthi kuvunyelwane ngani. UNdlovu udinga ukudlala njengabo bonke abadlali. Ukubolekiswa kungaba yinto enhle kuyena," kusho uMahlakgane.
Abanye abadlali bePirates okufanele bavakashele ihhovisi labaphathi ukuyoxoxa ngezinkontileka nguHappy Jele, Siyabonga Mpontshane noWayne Sandilands, okuvele ukuthi usezoba ngumqeqeshi wonozinti kuleli qembu.