KUNGENZEKA yini i-Orlando Pirates iluguqule ngeBaroka FC ukhondolo lokwehlulwa emidlalweni yamanqamu njengoba bekulokhu kubheda kweyamanqamu kulandelana kusukela ngo-2014?
Okuyikhona okuveza lo mbuzo wukuthi iPirates isishaywe kuyona yonke le midlalo nje, le nduku ivela emaqenjini awodwa.
Emidlalweni yamanqamu emibili iPirates eyidlale ngo-2013 ikhale ngaphansi kwiPlatinum Stars. Owokuqala bekuyiMTN 8 abashaywe kuyona sekukhahlelwa amaphenathi kanti nakwiTelkom Knockout kwaba yiqembu elifanayo.
Eminye imidlalo emibili yamanqamu ehlule iBucs kube oweCAF Champions League noweCAF Confederation Cup. KwiChampions League iPirates ishaywe yi-Al Ahly yase-Egypt ngo 3-1 uma sekuhlanganiswe yomibili imilenze. NakwiConfederation Cup abayidlale ne-Etiole du Sahel yaseTunisia, baphinde behluleka.
Uma ubheka ayafana la maqembu ngoba womabili aqhamuka emazweni asenhla nezwekazi i-Afrika.
Ngawo futhi * -2015, iBucs iphinde yawela esikhinsini esifanayo ifika kowamanqamu kodwa yahluleka ukukhala yemuke nendondo yegolide. Ishaywe yiSuperSport United ngo 3-2 kowamanqamu weNedbank Cup. Kudlule iminyaka emibili kwenzeke lokho yaphinde yanqwamana neSuperSport kowamanqamu wayo belu iNedbank nakhona kwazibhedela eZimnyama zishaywa ngo 4-1.
Kuningi obekudala lezi zinkinga kwiPirates kwazise kule midlalo bebeqeqeshwa abantu abafana noRodger De Sa, Eric Tinkler noKjell Jonevret. Ngesikhahti kwenzeka konke lokhu abalandeli bebevele badubele kubaqeqeshi obekuba yithuba labadlali lokucasha ngesithupha.
Njengoba kucacile ukuthi iPirates ihlukile ngaphansi kwesandla sikaMilutin Sredojevic noRulani Mokwena kungenzeka ukuthi iBucs iguqule izinto ngeBaroka.
Kusemqoka ukucacisa lapha ukuthi iPirates ehlulwe kule midlalo yamanqamu yehluke kakhulu kunale yamanje. Idlala ingcwenga yebhola futhi isikimu sakhona siqine ngendlela exakayo ngoba uma bengawenzi umsebenzi laba abasuke besenkundleni, laba abangena maphakathi nomdlalo bafike bawenze.
Uma uzobhekisisa kahle iPirates, esayinqobe kanye emlandweni iTelkom Knockout, inethuba lokushintsha izinto ngoba konke lokhu obekuyikhubaza phambili sekushintshiwe. IBaroka bayaqala ukubhekana nayo kowamanqamu okungesinye isinongo esiza njengethemba kwabeBucs ngoba kule midlalo yamanqamu abashaywe kuyona, bebehlushwa amaqembu afanayo.
IBucs iyona esishaye amagoli amaningi (ayisishiyagalombili) kwiTelkom Knokcout yalo nyaka, kanti ngakolunye uhlangothi iBaroka ayikangenelwa nayelilodwa igoli.
Isiyonke imidlalo yamanqamu iPirates esishaywe kuyona kulandelana imi kanje:
2013 MTN8: Platinum Stars (kwawina iPlatinum sekukhahlelwa amaphenathi)
2013 TKO: Platinum Stars (2-1)
2013 CAF Champions League: Al Ahly yase-Egypt (3-1)
2015 CAF Confederation Cup: Etoile du Sahel yaseTunisia (1-2)
2015 Nedbank Cup: Supersport United (3-2)
2017 Nedbank Cup: Supersport United (4-1)