OMUNYE wabadlali bakudala abanomlando obambekayo kwi-Orlando Pirates, uTeboho “Tebza Ngwana” Moloi, uwukhombe kwiziphathimandla zeqembu umunwe ngesikhathi ephawula ngokuhluthuka kukaThamsanqa Gabuza okusanda kwenzeka.
UGabuza usanda kukhumula ijezi walijikijela ezibukelini ngaphambi kokuphuma enkundleni umdlalo ungakapheli.
Isenzo sakhe, asenze bebhekene neBlack Leopards kowe-Absa Premiership ePeter Mokaba Stadium, sigxekwe kakhulu, bebodwa abebemsola ngokuziphathisa okwengane abanye bethi akwenzile kuwubuwula.
Nosihlalo wePirates, u-Irvin Khoza, uphawulile ngalokhu emsakazweni ngeledlule naye egxeka isenzo sikaGabuza ofike kwiPirates esuka kwiLamontville Golden Arrows.
Yize uGabuza egxekwe ngisho nawuKhoza kodwa uMoloi, odlale kwiPirates imidlalo ewu-159 washaya amagoli awu-33, uthe yiqembu lakhe lakudala (iPirates) elingazange limvikele ngokwanele uGabuza. Ngokusho kukaMoloi ukudlalela iPirates akuyona into elula ngoba iyiqembu elijwayele ukunqoba.
“Abalandeli bePirates bajwayele ukuwina hhayi okunye. Kusemqoka ukuthi sihlale njalo sikukhumbula ukuthi abalandeli banezwi ngokwenzeka enkundleni ngoba kuthinta imali yabo abasuke bezisebenzele yona. Akufanele kwethuse uma abalandeli bezwakalisa ilaka labo ngokuthile kodwa futhi kungumsebenzi wePirates ukucija umqondo kaGabuza ngoba ukuhhewulwa kwakhe akuyona into entsha,” kusho uMoloi.
Uqhube ngokubiza uGabuza ngenkunzi yomgadli. Lokhu kusanda kushiwo nawomunye wabadlali ababa nesandla empumelelweni yeminyaka yePirates, * -Ephraim “Jomo” Sono.
“Yinkunzi uGabuza uma uqonda ukuthi yini asuke eyifakelwe enkundleni. Ukumdlalisa kwePirates uGabuza kusukela kuqalile lokhu kuhhewulwa kwakhe kuyizinkomba zokuthi bayakholelwa kwakwenzayo. Nakuba kunjalo kodwa akwanele. Engakubona kwangishiya nginesilonda enhlizweni yami ngoba ngimkhonzile uGabuza kanti nabalandeli bePirates ngabantu abamqoka ngendlela eyisimanga kimina. Kufanele isukunyelwe indaba kaGabuza kodwa okuyibona abazokwazi ukumsiza yiziphathimandla zeqembu,” kubeka uMoloi.
Ngesikhathi ekhuluma ngoGabuza emsakanzweni uKhoza uthe kuzothatha isikhathi ukuthi ilunge indaba kaGabuza kodwa iqembu lizokwenza ngakho konke okusemandleni ukumeseka lapho edinga khona.
NgoMgqibelo iPirates izobhekana neSuperSport United emdlalweni we-Absa Premiership e-Orlando Stadium ngo8.15 ebusuku. Akwaziwa noma uzodlala yini uGabuza.