INHLANHLA kuphela esize iMamelodi Sundowns ukuthi igoduke nawo egcwele amaphuzu ngesikhathi inqoba ngo 1-0 kwiChippa United emdlalweni we-Absa Premiership ogijinywe eNelson Mandela Bay Stadium, ePort Elizabeth ngoMgqibelo ebusuku.
Le ndaba yenhlanhla ishiwo u-Eric Tinkler opheka iChili Boys ngemuva komdlalo iSundowns ekhombise kuwona izimpawu zokuba buthaka ikakhulukazi esiwombeni sesibili. Kube yigoli likaGaston Sirino eliweze iSundowns ethwale kanzima cishe sonke isiwombe sesibili.
USirino ulishaye esiwombeni sokuqala somdlalo igoli. Ukungena kwalo (igoli) uTinkler ukuchaze ngokuthi abadlali bakhe bebesabanda kodwa bathe bangafudumala, iSundowns yathwala kanzima umdlalo wonke. “Konke kuhambe kahle namuhla ngaphandle komphumela. Esiwombeni sokuqala sibenzele izinto zaba lula. Amabhola obekumele awele kithina abewela kubona. Basithwalise kanzima umdlalo usanda kuqala kodwa konke lokhu bekwenziwa yindlela ebesikhombisa ngayo ukubahlonipha kakhulu. Sithe singalungisa lokho konke kwalunga. Sithole nephenathi isiwombe sesiyophela kodwa sanganikwa yona.
“Esiwombeni sesibili bese siyiqembu elingcono futhi bekufanele sithole okuthile. Umdlalo webhola unjalo-ke ukudlala kahle akuwinisani kepha kufanele ube nenhlanhla. ISundowns iyona into ebinayo kulo mdlalo inhlanhla. Ngaphandle kwayo bebengeke banqobe lapha ngoba esiwombeni sesibili bese siyiqembu elingcono kakhulu,” kusho uTinkler.
Nakuba engathandanga ukwenaba ngale phenathi uTinkler kodwa ubelokhu ebalise njalo ngayo. Nakuba ebalisa uTinkler kodwa ukuqonda kahle okuyikona okufanele asebenzele phezu kwakho.
“Ukufaka ibhola enethini kuphela okufanele sisebenze kukhona. Inkinga yethu sonke, hhayi yeChippa kuphela. Angazi kumele senzeni ngoba ejimini konke okufanele kwenziwe bakwenza ngendlela kodwa kuthombe okhiye uma sekusemdlalweni,” kusho uTinkler.