IZWE lase-Egypt lizosingatha i-African Cup Of Nations ezoqala ngoJuni 15 kuya kuJulayi 13 nonyaka. Lezi zindaba zimenyezelwe uMengameli weConfederation of African Football (CAF) u-Ahmba Ahmad ngpLwesibili eDakar, eSenegal.
Izikhulu zeCAF zincamele ukuqoka i-Egypt kuneNingizimu Afrika ukusingatha i-AFCON kulandela ukuhoxiswa kwezwe laseCameroon ebihluleka ukuhlelela lo mncintiswano.
“Ngifisa ukuwabonga lawa mazwe omabili, atakule iCAF ngesikhathi sibona ukuthi umsebenzi wokusingatha i-AFCON eCameroon ubungakaqali,” kusho u-Ahmad.
Isikhulu seCAF sazise i-AFP ukuthi i-Egypt ithole amavoti awu-16 kwikomiti ebelivota, iNingizimu Afrika yathola elilodwa.
Lesi simemezelo senziwe kusaphele amahora ambalwa iCAF ithe izosenza ngoLwesithathu ukuze ngoLwesibili kuzogxilwa emcimbini yemiklomelo yeCAF eseDakar.
Kuzobe kungokwesihlanu i-Egypt isingethe i-AFCON njengoba yenza okufanayo ngo-1959, 1974, 1986 nango-2006.
ISAFA ifake isicelo sokusingatha nje baningi abalandeli bebhola abebengajabule ngalokhu.