UKUQHUBEKA kweLiverpool ukucindezela embangweni wesicoco sePremier League, akulele kuphela emagolini kaMohamed Salah kodwa nokubekezela nokuzethemba kukaSadio Mane yikho okungayigcina isegiyeni lejubane kuze kube oyedwa phakathi kwayo neManchester City ushaya intambo.

Kusukela ngoJanuwari uMane useshaye amagoli ayisishiyagalolunye emidlalweni engu-11 yeligi iLiverpool esiyishwebe iminyaka engu-29.

Lokhu kumbeka kwangu-16 eligi kule sizini kanti uSalah unangu-18.

USalif Diao owayedlalela iLiverpool neSenegal kudala ukholwa wukuthi ifomu kaSalah yangesizini edlule imvukuzile uMane walwela ukungasali kude.

“Uma ubheka ngesizini edlule ngesikhathi kuphuma uhla lweBallon d’Or, uSalah ubelaphaya phezulu kodwa uSadio usezansi kanti umehluko kulokho kube ngamagoli,” kusho uDiao kwi-Goal.com.

“USalah ubebukhali kakhulu phambi kwamapali, yilokho okwenze wawola imiklomelo ekupheleni konyaka.

“Ngicabanga ukuthi uSadio ukuqaphelile lokho, uyambona indlela asebenza ngayo kule sizini. Uyanemba emapalini, ubukhali futhi kuyawenza umehluko lokho.”

UMane usuka kude kwazise unconywa ngokuba yinkentshane nje, kunomdlalo okukholakala ukuthi yiwo owamvusa emaqandeni.

Lowo mdlalo ngowango-2017 Africa Cup of Nations eGabon lapho ashweba khona iphenathi eyaholela ekukhishweni kweSenegal kuma-quarter-final.

Wasuka ekubeni ngesinye sezilomo esigabeni samaqoqo - washaya amagoli amabili aqeda ngeTunisia neZimbabwe - waphelelwa amaqhinga sebebhekene neCameroon, eyagcina ingompetha.

UMane wagezwa ngunozinti weCameroon, uFabrice Ondoa (njengamanje odlala kwiKV Oostende yaseBelgium) sekusele imidlalo emithathu umdlalo uphele kanti izinto zisazobheda nakakhulu sekukhahlelwa amaphenathi.

Bonke abayisishiyagalombili bawavalela kalula amaphenathi abo kodwa uMane washweba eyesihlanu yeSenegal, ephindwa belu ngu-Ondoa, buqhawe bakhe obelanywa ngobukaVincent Aboubakar ngephenathi eyaweza iLions.

USADIO Mane oyithemba leLiverpool ekutheni aqede isomiso seminyaka engu-29 besizwe ngendaba isicoco sePremiership Isithombe: BACKPAGEPIX


Ngemuva kwalokho uMane wakhihla isililo engathuliseki ngenxa yokushweba omunye wemizuzu emikhulu empilweni yakhe yebhola.

Lobo buhlungu kodwa kubukeka bazala ingwenya yomdlali ovusa umhlwenga njalo emidlalweni emikhulu.

Kuzokhumbuleka negoli iLiverpool ebike ngalo yehlulwa kowamanqamu e-Uefa Champions League eKiev ngo-2018 ukuthi lishaywe nguye uMane ekhombisa ukuthi akasesiyo impelesi kodwa uyisethenjwa.

“Ubedinga ukuzethemba okuthe xaxa,” kusho uJurgen Klopp, ocija iLiverpool. “Uqale kahle (efika kwiLiverpool) kodwa ngicabanga ukuthi uzimangazile naye. Ubedinga ukujwayela ukuthi useqophelweni lomhlaba.”

Usengabalwa uMane nezingwenya kunobhutshuzwayo wase-Afrika?

Lide ibanga uMane aselihambile kusukela eshobolweni laseCameroon kodwa usabhekiwe (e-Afrika naseLiverpool) ukuthi enze imilingo ezonqoba isicoco ukuze aqhathaniseke nezinsephe zase-Afrika.

USamuel Eto’o, ukwenza isibonelo, washaya amagoli kumafayineli amabili eChampions League - ungumdlali wesibili kuphela emlandweni ukwenza lokhu - kanti ubengabambeki enqoba lesi sicoco ne-Internazionale ngo-2010.

Noma engasezukufika engwazini yaseCameroon eyaphinda yabasela amagoli kumafayineli amathathu ahlukene esiza i-Inter inqoba iClub World Cup, Italian Cup ne-Italian Super Cup enyakeni owodwa.

USamuel Eto'o ingwazi yaseCameroon


Ngo-2000 * -Eto’o ubengabambeki enqoba isicoco sokuqala kwezimbili ze-Afcon azidle neCameroon.

UDidier Drogba naye uzakhele igama emiqhudelwaneni emikhulu njenge-2012 UCL ashayela khona iChelsea igoli lokulinganisa seliyishonele ngomzuzu ka-88 kanjalo nephenathi yokuqukula isicoco sayo sokuqala sase-Europe.

UDidier Drogba wase-Ivory Coast


I-Elephant of Abidjan yiyo yodwa umdlali emlandweni onamagoli kumafayineli amane eFA Cup.

UMane uhlanganise iminyaka engu-27 ngoLwesithathu, udinga ukuhlobisa indima yakhe ebholeni ngezicoco ukubalwa nezingwenya zase-Afrika.

U-2019 wunyaka okahle ukwenza lokhu kwazise usethubeni lesicoco seligi nje basekhona nakwiChampions League kanti kuseza ne-2019 Afcon e-Egypt ngoJuni. -(uMalibongwe Mdletshe uyihumushile).

Imidlalo yeDiski ngempelasonto

Namuhla:

IPremier League -

Premier League:  Manchester United v West Ham United, 6pm, SS3.

Italian Serie A: Roma v Udinese, 5.50pm, SS9; AC Milan v Lazio, 8.20pm, SS9.

La Liga Santander:Atletico v Celta Vigo, 6.15pm, SS7; Sevilla v Real Betis, 8.30pm, SS7.

Kusasa:

La Liga Santander: Valladollid v Getafe, 11.55am, SS7; Athletic Bilbao v Rayo Vallecano, 1.55pm, SS7; Real Sociedad v Eibar, 4pm, SS7; Girona v Villarreal, 6.15pm, SS7; Valencia v Levante, 8.30pm, SS7.

Italian Serie A: Torino v Cagliari, 12.20pm, SS9; Premier League: Crystal Palace v Manchester City, 2pm, SS3; Liverpool v Chelsea, 5.05pm, SS3.

Italian Serie A: Sampdoria v Genoa, 2.50pm, SS9; Chievo v Napoli, 5.50pm, SS9; Frosinone v Inter Milan, 8.20pm, SS9.