UGQEMEKE udume olungeqiwa ntwala umqeqeshi weBafana Bafana, uStuart Baxter, ngokulimala kukanozinti wakhe wokuqina u-Itumeleng Khune okuvele ukuthi useyoze adlale ngesizini ezayo.
UKhune ulimale ehlombe bezilungiselela umdlalo wabo wokuvula unyaka omusha neMamelodi Sundowns.
Sekungumlando ukuthi iChiefs ikhale ngaphansi ngo 2-1 okube yiphutha likanozinti obedlala indawo kaKhune uVigril Vries. UKhune usevimbe emidlalweni engu-17 kule sizini uma uyihlanganisa yonke imiqhudelwano wangangenelwa igoli kweyisikhombisa yakhona.
Ukulimala nesikhathi esizohlalwa uKhune engadlali siqinisekiswe umqeqeshi weChiefs, u-Ernst Middendorp ngemuva kwalo mdlalo weSundowns.
“Kulula ukuthi ngiphendule ngoKhune. Indaba kaKhune isiyoze ibonakale ngesizini ezayo. Ngeke abonakale enkundleni kuze kube ingesizini ezayo,” usho kanje uMiddendorp.
IBafana imelwe umdlalo omqoka neLibya ekuhambeni lapho kuzobe kubangwa khona indawo kwi-Africa Cup of Nations ezodlalelwa ezweni elizomenyezelwa kusasa. Lo mdlalo weBafana ungoMashi okuzitolika ngokuthi kuzobe kusasele inyanga ukuthi kube isizini ezayo. UBaxter umelwe ukubheka engxenye kodwa ngeke adinge kakhulu izibuko ngoba oRonwen Williams weSuperSport United noDarren Keet weBidvest Wits baliphethe kahle ijezi ngokwahlukana emaqenjini abo.
Ukungabi khona kukaKhune kubukeka kuzokuba inkinga kwiChiefs kwazise uVries usanda kwenza iphutha elikhulu okuyinto evulela uBruce Bvuma ithuba lokuthatha iso likaMiddendorp. Kuyiqiniso elingenakuphikwa nokho ukuthi iChiefs izoba nenkinga emizameni yayo yokudla isicoco seligi nakwiCAF Confederation Cup ngoBvuma ngoba usemncane futhi usadinga ukuphekwa.
Okungawasiza Amakhosi ukuthi agcine engenile ngempela emakethe afune unozinti. Ezingaba mnandi kwabaMakhosi ezithi uJody February ovimbela izikwati ezincane zesizwe usendleleni ebheke khona. Nokho lo mdlali uyakuphika lokhu uma ebuzwa ngakho kodwa kuyaziwa ebholeni ukuthi into iphikwa ngisho ikhona.
Kubhekwe kakhulu ukuthi uMiddendorp uzosebenzisa bani konozinti bakhe uma esebhekene neqembu okuyilona elizihola phambili kwi-Absa Premiership iWits. Lo mdlalo ukusasa ngo-7.30 ebusuku eBidvest Stadium.