HELMAN MKHALELE

BAZOTHOLA ingqayizivele yethuba lokuzidayisa emaqenjini agijima kwi-Absa Premiership abadlali abangu-27, abashaye into ecokeme kwiJozini Mayoral Cup ngeledlule.

Ingwazi yeBafana Bafana, uHelman “Ncane” Mkhalele yiyona ebihlwaya ikhono kule midlalo eNdumo Sports Field, eJozini.

Ngonyaka odlule uMvelo Tembe wathola umfundaze wokuyoqhuba izifundo zakhe e-University of Johannesburg.

Njengamanje wenza iSports Management futhi udlalela neqembu lebhola lase-UJ.

UMkhalele elumana indlebe naleli phephandaba, ukubeke kwacaca ukuthi nakulo nyaka bazothola amathuba ahlukene abadlali abangu-27 abaqokile, ukuthi badlale nezikwati zezinkulisa zamaqembu agijima esigabeni esikhulu.

“Ngonyaka odlule abafana esibaqokile badlale nenkulisa ye-Orlando Pirates, UJ neBidvest Wits. Kunomfana oyedwa ophelele e-UJ. Into eyenze isibalo saba sincane wukuthi abadlali abazange bazifake izicelo zokubekisa isikhala kusenesikhathi.

“Kulokhu sisheshe sabagqugquzela ukuthi basheshe bafake izicelo zokubekisa izikhala. Izinga beliphezulu kakhulu kulo nyaka. Sizophinde sidlale namaqembu ehlukene ePSL ne-UJ. Sifuna laba bafana bashebe imfundo nebhola,“ kusho uMkhalele, owayekhona ngesikhathi iBafana ikhala yemuka nesicoco se-Africa Cup of Nations (Afcon).

Le midlalo ibingakhiwe kuphela yibhola kodwa ibihlanganisa neminye imidlalo, okubalwa kuyona ibhola lomnqakiswano namankomane.

“Ngifuna ukushayela abagqugquzeli bomcimbi ihlombe. Kulokhu imidlalo iqale ngoLwesihlanu. Lokhu kusinike ithuba elanele lokubhekisisa kahle ikhono singenayo ingcindezi. Nabadlali bebengenayo ingcindezi efana neyangonyaka odlule. Ngonyaka odlule imidlalo yadlalwa ngosuku olulodwa yaphothulwa. Yingakho sithathe abafana abangu-27,” kusho uMkhalele.

Izinsuku zokuhamba kwesikwati saseJozini esizobe sidlala namaqembu ehlukene ePSL, zisazokhishwa.

“Kuyajabulisa ukubona abafana abavela ezindaweni zasemakhaya benikwa amathuba. Ikhono likhona kulezi zindawo kodwa inkinga wukuthi abalitholi ithuba elifanele lokuzibonakalisa. Umqhudelwano ofana neJozini Mayoral Cup, awugcini nje ngokunika izingane amathuba ebhola kodwa bathola namathuba ezemfundo,” kuphetha uMkhalela.