Ezemidlalo

Ingcindezi kwiPirates ngozovala esikaRiveiro

Mthokozisi Mncuseni|Published

URULANI Mokwena ungomunye wabaqeqeshi abathishwe ukuvala isikhala senhloko yabaqeqeshi kwi-Orlando Pirates kulandela ukuhamba kukaJose Riveiro

Image: BACKPAGEPIX

ISITHUNZI i-Orlando Pirates ezakhele sona ebholeni lase-Afrika eminyakeni embalwa edlule siyithwesa ijoka lokuvala isikhala sikaJose Riveiro ngomqeqeshi ozoyibeka kwelinye izinga. 

IPirates ishiywe uRiveiro waseSpain oyiphendule elinye lamaqebu aziwa ngezicoco ebholeni laseNingizimu Afrika kwazise ushiye ezinhlanu ekhabetheni kusukela afika ngo-2022. 

Kusukela uRiveiro ememezele ukuthi ngeke ayivuselele inkontileka yakhe nePirates osekungumlando ukuthi bekufanele iphele ngoLwesihlanu, umbuzo umile wokuthi ubani umqeqeshi okuzovalwa ngaye? 

URiveiro ucele ukushesha akhululwe ukuze ezoqala umsebenzi eqenjini elisha elingakaziwa.

Ngaphansi kukaRiveiro iPirates idlale ibhola elihlabahlosile yaze yabhajwa kowandulela owamanqamu weCaf Champions League kule sizini. 

Yize uMandla Ncikazi esebe yiphini lomqeqeshi iminyaka kwiPirates kodwa lokhu akusho ukuthi nguyena ozongena kulesi sihlalo kwazise akuyona indlela ajwayele ukwenza ngayo usihlalo wePirates u-Irvin Khoza.

Akakufihli uNcikazi ukuthi uvule izandla kunoma yisiphi isinqumo esizothwathwa yiPirates ngesikhundla somqeqeshi kumbe ngekusasa lakhe eqenjini.

Ngaphandle kukaNcikazi kunamagama abaqeqeshi baseNingizimu Afrika abaqavile alokhu evele njalo kumahemuhemu ngokuzokwenzeka ngesikhundla senhloko yomqeqeshi kwiBucs.

Kusukela uRulani Mokwena ehlukanise neWydad Casablanca yaseMorocco, abaningi bakutolike lokhu njengendlela yokuphendla indlela ebuyela kwiPirates.

Lo mqeqeshi onomlando oxhumene nePirates, wasebenza kuyona njengephini, wanikwa nethuba lokuzimela kodwa kwacaca ukuthi umsebenzi awumvumi ngaphambi kokubuyela kwiSundowns.

KwiSundowns, uMokwena udle iligi amahlandla amane ne-African Football League (AFL).

Igama likaPitso “Jingles” Mosimane nalo liyavela futhi ungomunye wabangenawo umsebenzi kulezi zinsuku. UMosimane akadingi ukuchazwa ebholeni lomhlaba kwazise usedle iChampions League neSundowns wayiphinda ne-Al Ahly yase-Egypt.

Omunye elilokhu liqhamukile igama lakhe nguBenni McCarthy onenkontileka neqembu lesizwe laseKenya. Akusho lutho lokhu ngokwabasondelene noKhoza kwazise bamchaza njengendoda evamise ukuthola lokhu esuke ikufuna.

UMcCarthy unobudlelwano obuhle nePirates adla nayo iligi ngezinsuku zakhe zokugcina enkundleni ngaphambi kokuyoqeqesha iCape Town City, AmaZulu FC awafaka kwiChampions League. Emuva kokuhlukana naMaZulu waqashwa kwesokuqeqesha abagadli kwiManchester United anqoba nayo iFA Cup.