DEAN FURMAN
UMDLALI weBafana Bafana, uDean Furman, uthi iyazwela nakubona bengabadlali indaba yokubukwa yizihlalo emidlalweni yeqembu lesizwe.

Uthe iyodwa indlela yokubuyisa abalandeli wukuthi baqale banqobe imidlalo yabo, ikakhulukazi eyasekhaya.

Bebengafikile cishe naku-10 000 abalandeli abebehambele umdlalo weBafana neLibya ngempelasonto eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.

IBafana igcine liphume nephuzu emdlalweni wokuhlungela i-Africa Cup of Nations (Afcon) ophele ngo 0-0.

Lona akusiwona umphumela obungalindelwa ngoba iLibya yizwe elingenawo umlando ebholeni futhi abadlali bakhona abadlali kwiligi yakhona emisiwe ngenxa yezinkinga zezombusazwe.

IBafana ayiqali ukuphoxa eMabhida. Kuyo le nkundla yabanjwa iGambia kuhlungelwa i-Afcon ka-2017 egcine ingazange ilubhade kuyo.

Nyakenye iqembu likaStuart Baxter laphoxa ekhaya lihlulwa yiCape Verde kowokuhlungela iNdebe yoMhlaba ekuhambeni naseMabhida.

“Siyazi ukuthi imiphumela ayijabulisi ngoba yilokho okubalulekile ebholeni. Siyathanda ukudlala enkundleni egcwele ngakho siphoxekile ngokuthi bekungagcwele kodwa siyababonga labo abebephumile abasiseka kukubi noma kukuhle. Kuyinselelo kithina ukuthi siqale sinqobe imidlalo yethu ukuze sibuyise abalandeli ezinkundleni.

“Ukuze sikulungise lokho kumele sinqobe imidlalo. Kumele senze isiqiniseko sokuthi siyakwenza lokho kule emibili ezayo ukuze sigcine nendawo yethu phezulu eqoqweni,” kusho uFurman obe ngumdlali ovelele.

IBafana ihleli endaweni yesibili kuGroup E ngamaphuzu amane alinganayo naweLibya esesicongweni.

Indawo yesithathu ibanjwe yiNigeria bese kuthi emathukwini kuhlale iSeychelles.

Ngo-Okthoba 10 izobhekana neSeychelles

ekhaya bese liyivakashela ngo-Okthoba 13. Omunye umdlalo wasekhaya abazobhekana kuwo neNigeria.

“Kumele yonke imidlalo esiya kuyo siyithathe sengathi siyodlala namaqembu okuthiwa makhulu. Kumele sizitshele ukuthi sidlala neNigeria, Cameroon noma i-Ivory Coast. Asikwazi ukuzishaya isifuba ngokuthi sithole iphuzu sibanjwa yiLibya ngo 0-0 ekhaya. Kumele sishintshe indlela yokucabanga. Sicabangise okwabanqobi. Imidlalo esishaywe kuyo amazwe anganakiwe kumele isikhuthaze. Sesiside isikhathi sizenzela thina phansi nezwe, iBafana ingayi emiqhudelwaneni emikhulu. Kusemqoka ukuthi wonke umdlalo ufane nowamanqamu we-Afcon ngenxa yokubaluleka kwawo,” kusho uFurman.