USTEVE Komphela oqeqesha iLamontville Golden Arrows usabela iKaizer  Chiefs ezobhekana neTS Galaxy kowamanqamu weNedbank Cup eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngoMgqibelo ebusuku Isithombe: BACKPAGEPIX

UMQEQESHI weLamontville Golden Arrows, uSteve “Mphathi” Komphela, ubona ingcindezi ingaba yisifo esingenzela phansi iKaizer Chiefs uma isibhekene neTS Galaxy kowamanqamu kwiNedbank Cup ngoMgqibelo ebusuku.

Umdlalo, obhekwe ngabomvu, uzoqala ngo-7 ebusuku eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.

Ngokusho kukaKomphela, oke wayiqeqesha iChiefs kusukela ku-2015 kuya ku-2018, ukugqoza kwemiphumela muva nje kuMakhosi kwenza ukuthi iTS Galaxy ibe namandla ziya kulo mdlalo.

Sekuphele imidlalo eyisikhombisa iChiefs yagcina ukunqoba kwi-Absa Premiership.

Empeleni yagcina ukunqoba ishaya iMaritzburg United ngo 1-0 kwi-Absa Premiership ngoMashi 9. Ukuboza kweZimpofana kuholele ekutheni ziyizwe ngendaba iTop 8 ngenxa yokuqeda zisendaweni yesishiyagalolunye kwi-log.

Nakuba iChiefs izodlala kowamanqamu kwiNedbank Cup kodwa nakhona ayizange igculise ikakhulukazi emizuliswaneni emibili yokuqala.

KwiLast 32 idlale neTornado FC edlala kwi-ABC Motsepe yanqoba ngo 1-0 esikhathini esengeziwe.

USTEVE Komphela oqeqesha iLamontville Golden Arrows usabela iKaizer Chiefs ezobhekana neTS Galaxy kowamanqamu weNedbank Cup eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngoMgqibelo ebusuku Isithombe: BACKPAGEPIX

KwiLast 16 idlale ne-The Magic FC nayo edlala esigabeni esifanayo yanqoba ngo 3-0 esikhathini esengeziwe.

Idlale kahle isibhekene neCape Town City inqoba ngo 2-0 kuma-quarter final. Ijulukile isibhekene neChippa United kowandulela owamanqamu kodwa yanqoba ngo 4-2.

UKomphela uthe ulindele ukuthi ‘abafana abancane’ beGalaxy, bagcine ibhola bayifukuzise futhi bangayihloniphi iChiefs.

“UDan (Malesela) uthanda ukugcina ibhola kanti ngapha * -Ernst (Middendorp) unengcindezi kwiChiefs. Ngiyayazi ingcindezi akuyona, ubobuza mina. Kunzima kwiChiefs ngoba ayingenanga kwiTop 8 nokuthi ayikanqobi emidlalweni eyisikhombisa kwiligi. Lokho nje kwandisa ingcindezi. Ngiyethemba ukuthi bazozama ukuthola indlela yokuvimbela ingcindezi ingabangameli. 

"Sikhumbule ukuthi iGalaxy akukho ekusabayo noma ekuvikelayo. Ngilindele ukuthi ifike eMabhida iphaselane ibhola, iyixukuze iChiefs,” kusho uKomphela ngoMsombuluko ehambele umcimbi wePremier Soccer League abeyisimenywa kuwo eThekwini.

UKomphela nezakhe i-Arrows bashaywe iGalaxy ngo 3-1 kowandulela owamanqamu emqhudelwaneni ofanayo.

“Bayaphasa abadlali beGalaxy futhi baziphuma kahle izikhala bayagijima. Kodwa ngikholelwa ekutheni iChiefs izodlula ngenxa yamava kodwa lokho kuncike ekutheni abalandeli bayayeseka yini ngosuku lomdlalo. Kunomehluko phakathi kweqembu nabantu abasebenza ndawonye. 

"Iqembu yilapho khona kubambisana wonke umuntu osenkundleni, isisebenzi nabalandeli. Uma kusetshenzwa ngokwehlukana akukho okuyolunga, kufanele kube khona ukubambisana,” kusho uKomphela.