UVULE izandla ukujoyina elinye iqembu eMzansi umdlali weJomo Cosmos edlala kwiNational First Division (NFD), uMatsilele Sono Jr, oyindodana yomnikazi weqembu uJomo Sono.
UMatsilele (26) akakaze alidlalele elinye iqembu ngaphandle kwelakubo. Umfowabo uBhamuza ugcine ewaphanyeke emgibeni amakhokho engakaze adlale kwelinye iqembu ngaphandle kweZenkosi. UMatsilele unengcindezi yokuqeda ishobolo labadlali abazalwa yizihlabani abahluleke bancama ukufinyelela ezingeni loyise.
Kulaba badlali kukhona uKaizer Motaung Junior obeyibamba kwiKaizer Chiefs kayise uKaizer Motaung.
UMatsilele nakuba uyise emfuna phesheya kwezilwandle kodwa angalemukela ithuba lokudlalela elinye iqembu kwi-Absa Premiership. Uthe akhona amaqembu afikayo kuyise emfuna kodwa awashaye ngesithende.
“Uyangitshela uma kukhona abangifunayo athi isikhathi sami sokuhamba kungenzeka sesisondele. Ngiyethemba ukuthi kuzoba yiphesheya kwezilwandle. Angicabangi ukuthi uyafuna ngidlale lapha eMzansi, uhlala engizamela phesheya. Nami selokhu ngaqala ibhola ngihlala ngizibona ngidlala phesheya kodwa uma ngingadlala isizini noma amabili kwiPremiership ngingajabula ngoba izinga selinyuke kakhulu nethuba lokubonwa ngamanye amaqembu likhuphukile. Angiziboni ngidlalela elinye iqembu kwiPremiership. Akhona amaqembu aseke angifuna lapha eMzansi kodwa angazi ukuthi kuphelelaphi ngoba akangitsheli. Kodwa uma ejabule nami ngijabule, ngingalijoyina elinye iqembu eMzansi,” kusho uMatsilele.
Uthe ingcindezi yokuhamba ezinyathelweni zikayise iyohlala ikhona kodwa uyazama ukungayinaki ikakhulukazi ngoba uyise akakaze akhulume ngakho.
“Akakaze azame ukungifaka ingcindezi yokuthi ngifane naye. Akangitsheli ukuthi kufanele ngifinyelele kuliphi izinga. Ngiyazidlalela nje ibhola ngaphandle kokuzikhathaza ngokusindwa yimpumelelo yakhe ngoba lokho kuyohlale kukhona. Ukuthi ukuqhathaniswa naye kunobulungiswa noma cha, akukhona okwami ngoba wonke umuntu unelungelo lokubeka uvo lwakhe. Angicabangi ukuthi sizombona omunye umdlali ofana naye eNingizimu Afrika. Uyingqwele. Ukuzama ukufinyelela ezingeni lakhe, ngibona ngizobe ngizithwesa okungaphezu kwami njengomdlali,” kusho uMatsilele.
NgoMgqibelo iCosmos izovakashela iRoyal Eagles emdlalweni weNFD eChatsworth Stadium ngo-3.30 ntambama. EZenkosi zisanda kuzitholela indawo kwi-Last 32 yeNedbank Cup emuva kokwehlula iReal Kings ngempelasonto.
“Indlela esiziqeqesha ngayo, esilungiselela ngayo imidlalo, sihlale silungiselela ukudlala kwiPremiership. Sihlale sizitshela ukuthi sidlala kwiPremiership. Yilokho esizokulwela kule sizini. Sifuna ukubuyisela amagama ethu ebalazweni. Ubaba akangifaki ingcindezi yokuthi kwenzeke lokho kodwa njengomdlali omdala eqenjini nginomsebenzi okufanele ngiwenze ekuliholeni kwiPremiership,” kusho uMatsilele.
Imidlalo yeNFD kule mpelasonto:
NgoMgqibelo
Real Kings v Mbombela United (Sugar Ray Xulu Stadium, 3.30pm), TS Sporting v Tshakuma FC (Kabokweni Stadium, 3.30pm), Witbank Spurs v Ubuntu (Puma Stadium, 3.30pm), Royal Eagles v Jomo Cosmos (Chatsworth Stadium, 3.30pm), Maccabi FC v Richard Bay (Dobsonville Stadium, 3.30pm), Cape Umoya United v Uthongathi (Boland Stadium, 3.30pm)
NgeSonto
TS Galaxy v Stellenbosch (Kameelrivier Stadium, 3.30 pm).