ELINYE lamaqembu ahlonishwayo eBrazil, iCruzeiro limemezele ukuthi umdlali walo osanda kusayina uJoao Mendes (14) akazange aziveze ukuthi uzalwa yinkalakatha ebholeni laseBrazil, uRonaldinho wodumo kwiFC Barcelona nakwiPSG kwaze kwaba uyasayiniswa.
ICruzeiro imemezele ngeSonto ukuthi isayinise umdlali oneminyaka engu-14. Lo mfana uzalwa uRonaldinho ongadinge kuchazwa ebholeni lomhlaba.
Ngenxa yokuthi lo mfana uzalwa inkakha, kuneqeqebana elithile elisola leli qembu ngokwenzelela ngoba lifuna ukuzakhela udumo ngokuthi lidlalelwa yindodana kaRonaldinho. Usayine inkontileka yeminyaka emihlanu.
“Nakuba eyindodana kaRonaldinho, indlela adlale ngayo uMendes ubevele ezoyithola inkontileka ngisho ngabe ubezalwa ubani ongadumile.Ngenxa yethalente lakhe lo mdlali osemncane usithathe sonke okuhlanganisa nethimba labaqeqeshi. Akazange asitshele imvelaphi yakhe kwaze kwaba uyasayina okuyilapho nathi sizwe khona ukuthi uyindodana yenkakha yebhola yaseBrazil nelomhlaba,” sisho kanje esinye sezikhulu zeCruzeiro sikhumula neBBC.
U-Amarildo Ribeiro, ongomuye wezikhulu zaleli qembu unanele ngokuthi: “Umzimba wakhe uyavuma kakhulu. Ungazitshela ukuthi uzimukile kanti akukho angakwazi ukukwenza uma ibhola lisezinyaweni kuyena. Indlela alithinta ngayo sengiyabona manje uma kuthiwa uzalwa yinkalakatha.”