IPHINDE yabuya imvunge yaminyaka yonke ngokugixabezwa kweMoses Mabhida Stadium, eseThekwini, ngemidlalo yamanqamu kulandela isimemezelo sePremier Soccer League (PSL) ngoMsombuluko ebusuku.
Lesi simemezelo besiqinisekisa ukuthi le nkundla emumatha abantu abawu-56 000 kuzodlalelwa kuyona owamanqamu weMTN8 ngoSepthemba 29 ngo-7 ebusuku.
Kulo mdlalo kuzobe kubhekene iSuperSport United neCape Town City kubangwa isheke likaR8 million. Lo mdlalo uzobe uyimpinda yangonyaka odlule kwazise womabili la maqembu abebhekene kowamanqamu kuyona belu le nkundla esiqala ukuba nyamanambana ikakhulukazi kubathandi bebhola abangebona abaKwaZulu Natal.
I-PSL imemezela lokhu nje, vele abaningi bebazi ezinhliziyweni zabo ukuthi le nkundla eyakhiwe nezinye eziyishumi ngaphambi kwemidlalo yeNdebe yoMhlaba ebiseNingizimu Afrika ngo-2010, iyona ezosingatha njengoba ihlale yenza cishe minyaka yonke kusukela yakhiwa.
Akuyona eyamanqamu kuphela evamise ukukhonjwa eThekwini kepha neyeBafana Bafana iyanda impela edlalelwa kule nkundla okwenza abanye abalandeli bebhola kuleli bawothe ubomvu ngalesi sinqumo. Kusukela le nkundla yakhiwe isisingathe imidlalo yamanqamu ewu-11 kwewu-24. Kungenxa yalokhu abalandeli abaningi bengene kuTwitter bezwakalisa ilaka labo ngalokhu.
Kuliqiniso elingenakuphikiswa nokho ukuthi uma owamanqamu useThekwini nakanjani inkundla iyagcwala okuyinto ebathinta emanonini abaxhasi. Nesimo sezulu saseThekwini sihlale njalo sivuma ngisho ngabe ikusiphi isikhathi sonyaka.
U-@HloniNyetane uthe: “Ubudlelwano phakathi kwePSL nomkhandlu weTheku bukhombisa ukuthi le nto ikhishwa ngobubhululu.”
U-@DJShabbaSA uthe: “Sekufike isikhathi sokuthi sitshelwe imigudu elandelwayo uma kunikwa iTheku le midlalo ngoba abukho ubulu-ngiswa.”
U-@Khetha uthe: “Bake bangibuza siyobuka iBafana ukuthi yini iTheku lihlale linikwa le midlalo kodwa babuye baziphendula ngokuthi isimo sezulu izinto zokuhamba nakho konke okuhlangene neTheku akuzi nazinkinga.”
U-@ThekgoSgaDiale uthe: “Inokusijwayela kabi le nto yokunikana kwePSL neTheku yonke imidlalo. Iyacasula kakhulu kakhulu le nto.”
Yize bekhuluma kanje abalandeli uLuxolo September wePSL uchazile ukuthi ikhethwa kanjani inkundla esuke izosingatha owamanqamu. “Sihlala phansi nabaxhasi namaqembu athintekayo bese kuba yilapho kuphuma khona isinqumo. Akukho esikwenza ngokuthanda kwethu. Akuzange kube nzima kulokhu ngoba vele umdlalo wamagqubu ngakho-ke zibuyela lapho vele ziqale khona ukududulana,” kusho uSeptember.
Ezinkulumweni ahlale ezenza neSolezwe uVusi Mazibuko obheke konke okusingathwa yiMoses Mabhida uyaye achaze ukuthi njengoba lingekho iqembu elisebenzisa le nkundla bahlale njalo bekulungele ukwenza noma yini ukwakha inzuzo.
“Imidlalo yeqophelo asiliyeki ithuba lokuyisingatha. Siye sizame futhi ukuthi sakhe umnotho ngokuzibophezela ekutheni sisingathe okungenani imidlalo yaleli qophelo ewu-15 ngonyaka. Kuleyo midlalo siye sizame noma emibili yeBafana bese kuba ile iChiefs eyiletha kithina kathathu ngonyaka. Akukho okuhlukile kunabanye esikwenzayo ngaphandle kokuhlale njalo sikucacisa ukuthi sizimisele ukusingatha imidlalo emikhulu ngoba kithina inzuzo leyo,” le enye yezinkulumo uMazibuko ake aba nayo nyakenye neSolezwe ngenxa yayo le mvunge esiphinde yaqubuka.
Uhla lwemidlalo yamanqamu esidlalwe eMoses Mabhida Stadium kusukela ngo-2010:
Kwi-MTN8: 2018; 2017; 2014; 2013 neka-2010
Kwi-Nedbank Cup: 2017; 2014 neka-2013
Kwi-Telkom Knockout: 2015; 2012 neka-2011
Imidlalo yeBafana Bafana esidlalwe eMoses Mabhida kusukela ngo-2010:
Iwuu-16 (edlalwe eMoses Mbhida Stadium) uma uqhathanisa newu-55 (okuhlukaniselane kuyona izinkundla eziyisishiyagalolunye).