IMIDLALO emibili esele onyakeni yeLamontville Golden Arrows ibaluleke kakhulu kumqeqeshi waleli qembu, uClinton Larsen, njengoba ezimisele ukuqoqa kuyo amaphuzu abalahlekele kulawo abebezibekele wona ekuqaleni kwale sizini.
Ngempelasonto i-Arrows ishaye iKaizer Chiefs ngo 2-1 ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu emdlalweni we-Absa Premiership. Amagoli ayo kube amaphenathi amabili kaLimbikani Mzava, elezivakashi lashaywa uLeonardo Castro.
Abafana Bes’thende sebenamaphuzu awu-15 emidlalweni ewu-13 yeligi. Kolandelayo bazovakashela iBidvest Wits eBidvest Stadium ngoDisemba 12. Owokuvala unyaka kuzoba owabakhaya bebhekene naMaZulu FC eKing Zwelithini Stadium, eMlaza ngoDisemba 22.
“Ngifuna balenyuse igiya nasemdlalweni olandelayo. Ukuwina kuhlezi kuzokunikeza ukuzethemba esizokudinga ngoba uzoba nzima umdlalo weWits kanti naMaZulu ayalenyusa izinga,” kusho uLarsen.
Uthe amaphuzu amathathu aqinisekise ukuthi bavule igebe emaqenjini angemuva kwabo bese bezama ukusondela kwabaphezulu. Ngokusho kwakhe i-Arrows ibizibekele ukuthi okungenani kuyiwe ekhefini lokuphela konyaka isiqoqe amaphuzu awu-18 noma awu-20.
“Sisemuva kancane kulokho. Kumele ngabe sinamaphuzu amathathu noma amane ngaphezulu ngakho imidlalo emibili esele iyona esizozama ukuwabuyisa ngayo,” kusho uLarsen.
Lo mqeqeshi uthe kuyajabulisa ukubona abadlali befika enkundleni benza lokhu abasuke bekuhlelile njengoba benzile besebenzisa ijubane ukunqamula udonga lweChiefs. Amaphenathi abawatholile kube ngenxa yokungaziniki ukuthula izitobha zaMakhosi, * -Eric Mathoho noTeenage Hadebe abangenajubane.
“Besishesha futhi sikwenze kahle ebesikuhlela emasontweni amabili edlule. Kuhlezi kujabulisa ukubona abadlali benza lokhu enisuke nikuhlelile yize inkundla ibingeyinhle. Sikwazile ukubhekana namabhola amade abebewathumela, uMngwengwe (Nkanyiso) noMzava benze umsebenzi oncomekayo. Emidlalweni yabo edlule udonga lwabo belwenza amaphutha inhloso bekuwukuthi sibacindeze.”