USIHLALO weLamontville Golden Arrows, uMato “Mkabayi” Madlala, uzikhahlela ngazo zombili izinyawo izinsolo ezenziwe nguFarouk Kadodia, usihlalo weMaritzburg United ezithi (uMadlala) umnyundele kuSteve Komphela (uKadodia) “abeseqede konke naye” ukuba ayothatha amatomu ashiywe nguFadlu Davids okucija iTeam of Choice.
“Ngisale ngingenaye umqeqeshi ekhanda ngemuva kokuthi abantu abathile esifundazweni bemjike umqondo ngoba sebezwe ukuthi uzojoyina iMaritzburg. Angifuni ukuthinta amagama abantu kodwa bona bakhona abamjike umqondo njengoba kuthiwa usekhonjwa kwiSuperSport United noma kwiChippa United,” wabalisa kanje uKadodia.
Lokhu uKadodia ukutshele Isolezwe ngoLwesine (Disemba 27) ngemuva kokuqasha uMuhsin Ertugral.
NgoLwesihlanu (Disemba 28) uKomphela uvumbuke kwi-Arrows nokwadweba isithombe sokuthi uKadodia ubebhekise kusihlalo waBafana Bes’thende.
“Uyahhema lowo! Wazingani ukuthi ngangiqale nini ukuxoxisana noSteve? Indaba yokuthi ngiqale ukuxoxa naye ngemizuzu yokugcina yinto engekho leyo. Besibaningi ebesixoxisana noSteve njengoba bekukhona noMokoena (Mike weFree State Stars). Akangiyeke ngoba unaye umqeqeshi u-Ertugral,” kubeka uMadlala.
UMATO Madlala ophika indaba yokuthi waba nesandla ekushwebiseni iMaritzburg United uSteve Komphela Isithombe: BACKPAGEPIX
Omunye umthombo weSolezwe ngeSonto uthe okwaqhatha uKadodia noKomphela, wubudedengu obavela ohlangothini lwaso isikhulu.
“Ngicabanga ukuthi kwaba nobudedengu ekusingatheni lolu daba ekubeni kwakungakasayinwa lutho.
Ukuphawula ngalo kwabezindaba nokuthi athi ufuna azosusa iqembu ezembeni bese enqoba indebe eyodwa okunye nokunye sekuyolandela. Akuyona indlela yokuxoxisana nomuntu ofuna azosebenza eqenjini lakho,” kusho umthombo.
Umdlalo kaKomphela wokuqala ehlezi ebhentshini le-Arrows ubebhekene neTeam of Choice lapho anqobe khona ngo 2 - 0.
UKomphela, odabuka eGolden Valley Farm, eKroonstad, eFree State uqashwe kwi-Arrows ngemuva kwamahora iBloemfontein Celtic iveze ukuthi isihlukene naye.
ICeltic uyiqala kahle nayo isizini kodwa ukukhungathwa yizinkinga zemali kubaqhathile nokuvele encwadini yokwesula lo mqeqeshi ayishiye kwiSiwelele.
Kule ndaba eputshukele abezindaba kuvele bekuba nesikhathi lapho uKomphela ebegcina esebenzisa imali yakhe ezindlekweni zeqembu.