UFUNA ukuyiphendula inkundla okungabuyi lutho kuyona iKing Zwelithini Stadium, eMlaza, umqeqeshi waMaZulu FC uCavin Johnson iqembu lakhe elisabambe umgqigqo wokungehlulwa njengoba seziya ngakumaliyethe emjahweni we-Absa Premiership.
Ngaphambi kwekhefu elize ngemuva komdlalo weNedbank Cup Last 32, Usuthu bese luqhube imidlalo emihlanu kwiligi lungayazi induku. Luqhubekile kwiNedbank Cup njengoba seludlulele kwiLast 16 ngemuva kokwehlula Umthatha Bucks ngo 3-0 kumaphenathi ngesonto eledlule.
Le miphumela yeligi ilusizile lwaxaxama kumaqembu abalekela izembe njengoba sekusele imidlalo yeligi engu-10 kusongwe isizini.
Iqembu likaJohnson ligcine ukuhlulwa yiBaroka ngasekuqaleni kukaJanuwari. Ngemuva kwalokho liqoqe amaphuzu angu-11 emidlalweni emihlanu lase linyukela endaweni yesishiyagalombili kwi-log ngamaphuzu angu-26.
Uma sekubuyelwa kwiligi lizovakashela iMaritzburg United eHarry Gwala Stadium, eMgungundlovu, ngoLwesihlanu ngo-8 ebusuku.
Abalandeli bawo womabili la maqembu aKwaZulu-Natal kufanele ukuthi bazoya emdlalweni belindele ukuthi kusiphuke izidindi. Womabili ashayela phezulu kwazise neTeam of Choice ilwela ukugcina indawo kwiTop 8, ihleli endaweni yesithupha.
“Imidlalo esiya kuyona ayilula okuzokwenza kube nzima kakhulu nokuthi sishintshanise abadlali kodwa kumqoka ukuthi kufike umdlalo weMaritzburg siyimiqemane. Ngemuva kwalokho sizodlala neSundowns bese kuba yiFree State Stars, wonke la maqembu abalwa naphezulu kwi-log. Yiwona azoba yisivivinyo sokuthi sikuliphi izinga. Ngethemba ukuthi abadlali bazobe besesimeni esihle kunalesi abakuso ngemuva kwaleli khefu,” kusho uJohnson.
AmaZulu anemidlalo emine esele ekhaya, okungoweMamelodi Sundowns, Ajax Cape Town, Orlando Pirates nowokuvala isizini neCape Town City.
“Kumele siqhubeke nokuwina, ikakhulukazi imidlalo yethu yasekhaya bese okungenani sithola iphuzu ekuhambeni. . Wonke umdlalo esiya kuwona ufana nowamanqamu yize kusekuningi okumele ngikwenze njengoba ngisakha,” kusho uJohnson.