UMQEQESHI weChiefs u-Ernst Middendorp umbhali anganeme neze ngaye
MHLELI: Ngikhathazekile ngeqembu lami engilithandayo iKaizer Chiefs. Kulezi zinsuku idlala umbozo webhola, okokuqala nje ungambuyisa kanjani umqeqeshi owahluleka ukuqeqesha iqembu?

Ngikhuluma ngo-Ernst Middendorp. Abalandeli baze bametha igama elithi uMiddendraw ngakho ukudlala ama-draw angenasidingo.

Selokhu efikile nje usawine imidlalo emingaki? Indlela adlalisa ngayo iqembu iyangikhonondisa. Umdlalisa kanjani uKgotso Moleko noRamahlwe Mphahlele kanyekanye ngoba badlala into efanayo? Lo mqeqeshi uxova isikimu njengoSolinas.

Ngiyakhala ngokuthula kukaKaizer Motaung kube konakala. Uma iqembu engasalifuni akalidayise, kukhona laba bantu okuthiwa abalandeli abawa bevuka neqembu, badela imfudumalo nemindeni yabo bayobuka lo mbozo weChiefs. Bahamba ngemali yabo, ngezimoto zabo.

IChiefs ayihlukile kula maqembu okuthiwa mancane sekwasala igama, kuvalwe iligi imi kunombolo 9 we-log. Yenza umhlola ixosha abadlali ingakapheli isizini. Impela izikhulu zeChiefs zithatha izinqumo sengathi ziqale zidlule “kwaMama uyangichaza”.

Kuyaqala ukwenzeka emilandweni weChiefs ukuba kuphele amasizini amane ingawini lutho.

Uma kusekhona uBobby Motaung kusazoba nje. UBobby akanandaba nabalandeli beKaizer Chiefs abawa bevuka neqembu. Lo muntu wasayinisa lolu vucu lwabadlali, akahambe nabo ngoba vele kusho ukuthi akawazi umsebenzi wakhe. NgoMgqibelo sidlala owamanqamu weNedbank eThekwini. Sowina kanjani imimoya yabadlali iphansi. Angithi abanye kuxoshwe abangani babo, selokhu kuxoshwe uPule Ekstein abadlali abathokozile bahudula izinyawo. Abaphathi abanjani abathatha izinqumo ezinje?

IChiefs yayingadlalelwa noma wubani njengoba sekwenzeka nje. Abadlali abafana noBhongolwethu Jayiya, Siphosakhe Ntiya Ntiya, Gustavo Paez, Virgil Vries, Daniel Akpeyi, Teenage Hadebe abakufanele ukudlala kwiChiefs. Ijezi leChiefs liyasinda.

Baningi abadlali abawuvucu okumele bahambe, kuqalwe kuthengwe abadlali, kutholwe umqeqeshi osezingeni hhayi uMiddendorp.

Ngicela uSihlalo weqembu, uMotaung azibambele iqembu lakhe uBobby ayiswe kwenye indawo ngoba selokhu athatha izintambo iqembu alenzi kahle.

Ngicela ikilabhu ibheke indaba ka-Itumeleng Khune, naye uphelelwe ushatini manje, uselimala njalo. Asithathe unozinti ovimbela iWits uDarren Keet azoqinisa emapalini. Lolu vucu okuthiwa luyavimba lubolekiswe, ayikho leya nto.

UBruce Bvuma kuyasho akakulungele ukuvimbela ikilabhu enkulu njengeChiefs.

Baba Motaung, sizwele, sukuma uzithintithe njengenkawu ethi uma iwile ivuke izithintithe.

Innocent M Meyiwa

EMALANGENI