NGIYAZI ukuthi abesifazane sekuyinto abayenza ngokungahlonizi ukweshela abesilisa futhi anginayo nencane inkinga nalokhu ngoba izikhathi sezishintshile, abantu sebephucuzekile.
Kuba nzima kakhulu ensizweni ukwenqaba uma kuqhamuka isiphalaphala sithi siyazifela ngayo kade ingalindele. Abaningi besilisa bagxuma bahlale impela bangalokhu benanaza.
Nokho kulesi simo sokuthi sesizithola sisheleka singamadoda kuyadingeka phela sibuye senqabe njengoba benza nabo abesifazane, bengamukeli noma ubani nje. Ukuvuma yonke into eyisiketi ethi iyachazeka uwena kungabuye kukufake otakwini ongaludingi. Kuyadingeka ngesinye isikhathi uchize, uzibe ngoba akubona bonke abakweshelayo abasuke bewuhlobo lwabantu ofuna ukuphila nalo.
Empilweni nje kumele kube khona into ekudlulayo ungahambe uphonseka nje kuhle kwempukane. Kumele ukugweme ukuthi uma kukhulunywa ngokuya eYadini uwena, kwaMax uwena, eMashamplanez uwena nase-031 uwe futhi! Cha phuthelwa nje nawe ngesinye isikhathi kuthi uma kubuzwa ngendawo ethile uthi angikaze ngilubeke.
Abantu engibabona bengafune kuphuthelwa kumnyama kubomvu yilaba abayizikhulu zeSouth African Football Association (Safa). Impela le nhlangano ngiyithatha njengensizwa engafune kudlulwa siketi.
Muva nje, iSafa itatazeliswa ukuthi ifuna i-Africa Cup of Nations (Afcon) ka-2019 ize eNingizimu Afrika. Ngeledlule iCAF imemezele ukuthi iCameroon obekumele isingathe le midlalo ngoJuni seyiphuciwe igunya ngoba kubonakala ukuthi kuzoshaya isikhathi ingakakulungeli ukuthi kuqale imidlalo.
Kube sekuvela amagama amazwe afana neNingizimu Afrika, Egypt neMorocco njengalawo okungase kubhekwe kuwona ukuthi le midlalo idlalelwe khona. AbeSafa abananazanga njengoba umengameli wale nhlangano, uDanny Jordaan, ekuqinisekisile ukuthi sebesenzile isicelo sokusingatha i-Afcon.
Iqiniso nje ukuthi bengikulindele lokhu ngoba iSafa yethu le ayidlulwa lutho. Nokho umbuzo enginawo owokuthi, ngabe siyayidinga ngempela le midlalo eNingizimu Afrika? Impendulo yami ithi cha futhi anginanazi ngalokhu.
Kungani ngempela kumele njalo uma kukhona izwe elihlulekayo ukusingatha i-Afcon kube yithina esigxuma kuqala sithi ayize lapha le midlalo noma isimo singavumi? Ngithi isimo asivumi ngoba eNingizimu Afrika kukhalwa ngesimo somnotho esisimise kabi kangangoba kuze kwakhushulwa iVAT yawu-15%. Kumanje sishunyayezwa indaba yokuthi kumele sizame ukonga singasaphazi imali ezintweni esingaphila ngaphandle kwazo ngoba isimo sibi. Nami nje ngiyimina kuningi esengikuyekile ebengikade ngikuthenga njalo ekupheleni kwenyanga ngenxa yakho njalo ukuthi isimo semali asivumi.
Manje izovela kuphi imali yale Afcon abathi bayifuna lapha ngonyaka ozayo? Ngizwile nje uJordaan ethi iCAF izoyikhipha imali yokusingatha i-Afcon ngasho ngathi we mame ucabanga ukuthi ukhuluma nezingane.
UJordaan uphinde wathi bayakhulma noMnyango wezeMidlalo eNingizimu Afrika mayelana ne-Afcon ka-2019, ngasho ngathi nakhoke lapho kungena khona imali yethu, yona le engekho.
Ngazi kahle kamhlophe ukuthi izwe elisuke lisingethe umqhudelwano ofana nalona ligcina likhokhe enkulu imali lena. Ziningi kakhulu izinto ezithinta ukusingatha i-Afcon okubalwa kuzona umcimbi wokuvula nowokuvala, abantu abasuke bezosiza umqhudelwano wonke okumele bakhokhelwe, nezikhulu zakwamanye amazwe ezipepenyeka emahhotela nabo oJordaan labo, zikhokhelwa ngayo le mali okuthiwa asinayo.
Angiyibalike eyama-gala dinner ayinqwaba okumele enziwe kupepenyekiswa bona laba bantu bebhola emadolobheni ehlukene ezweni lonke. Izovela kuphi yonke le mali?
Ngaphandle kwalokho nje indaba yokuletha i-Afcon lapha ingase isuse omunye umsindo ngoba iBafana Bafana yethu leyo ingase ihluleke ukuzibekisela indawo kulo mqhudelwano. Uma kugcina kwenzeke njalo iCameroon ingaya ngisho enkantolo iyofaka icala uma ingasenaso isikhala kwi-Afcon ngoba ayinikwanga ithuba lokudlala imidlalo yokuhlunga. Phela izwe okumele linikwe le midlalo kufanele kube eselizibekisele indawo ukuze neCameroon izokwazi ukungena. ICameroon iyona futhi evikela isicoco ngakho ngeke ivume ukungabi khona kule midlalo kodwa kungekhona ukuthi ihlulekile emidlalweni yokuhlunga. Ngebhadi-ke kumele kumenyezelwe ingakapheli le nyanga ukuthi i-Afcon izokuba kuliphi izwe.
I-Afcon ayiye kunoma yiliphi izwe, hhayi eNingizimu Afrika ngoba asiyidingi, bese iBafana iye kule midlalo uma iphumelele ukuzibekisela indawo. Uma ihluleka ukwenza lokho iBafana kuyomele iyibuke kwithelevishini kanye nathi i-Afcon futhi ingaqali.
ISafa ayiyeke ukuba yintombi engali noma insizwa engadlulwa siketi. Ezinye izinto kumele zikweqe empilweni bese ubone ukuthi uzofa yini. Asiyidingi i-Afcon ka-2019, asinamali.