KUNGENZEKA ukuthi iBafana Bafana isizifake kwenkulu inkinga ngokuhluleka ukushaya iNigeria emdlalweni wokuhlungela i-Africa Cup of Nations (Afcon) eFNB Stadium, ngoMgqibelo.
EzikaStuart Baxter zibambane neSuper Eagles ngo 1-1 okuchaza ukuthi kufanele zingashaywa uma sezibhekene neLibya emdlalweni wokugcina kaGroup E, ngoMashi wonyaka ozayo. ILibya izobe ingadlaleli ekhaya njengoba kunezinkinga kodwa kubonakele ukuthi idlala kahle ngesikhathi ibhekene neNigeria eTunisia emdlalweni owaphela ngo 3-2 kuwina iSuper Eagles.
IBafana idinga iphuzu elilodwa ukuze izibekisele indawo kwi-Afcon eseCameroon ngonyaka ozayo kodwa ngeke kwethuse uma ingagcina ngokuhluleka ukuzibekisela indawo. Sekuke kwenzeka phambilini ukuthi iBafana ihluleke ekugcineni ukubekisa indawo kwi-Afcon.
Konke kumosheke ngesikhathi iBafana idlala ngokulingana neSeychelles eshaywa yiwo wonke amaqembu kuGroup E.
Kwethuka wonke umuntu iqembu lakuleli libambana neSeychelles ngo 0-0 ekubeni emdlalweni wokuqala laliwine ngo 6-0.
Ngaphandle kokudlala ngokulingana neSeychelles iBafana kwakumele iwine ngesikhathi ibhekene neLibya kuleli kodwa nakuwona lowo mdlalo yadlala ngokulingana. Iqembu lakuleli yilona lodwa elingashaywa kuGroup E kodwa ukudlala ngokulingana imidlalo emithathu kungafanele kulimoshele amaphuzu.
Amazwe amaningi ahlale enza isiqiniseko sokuthi ayayiwina imidlalo yasekhaya ukuze angazitholi esenkingeni ezifake kuyona iBafana. Njengamanje akekho onesiqiniseko sokuthi iBafana izofike iwine noma idlale ngokulingana ekuhambeni neLibya ngoba nayo (iLibya) iyazi ukuthi uma ingawina lo mdlalo ingazibekisela indawo kwi-Afcon, isale kanjalo iNingizimu Afrika. Kulula kona ukusho ngomlomo ukuthi iBafana idinga iphuzu elilodwa ukuze iye eCameroon ngonyaka ozayo kodwa yinto engeke ibalekelwe ukuthi ingafike ithole induku kwiLibya bese kuphela kanjalo ngephupho lokuya kwi-Afcon.
Sekocaca ngawo uMashi ukuthi kwenzekani kodwa iBafana izifake yona enkingeni kungenjalo ngabe kukhulunywa ukuthi izodlala noma kanjani kwi-African ngonyaka ozayo.