MHLELI: Ngithi ake ngisike elijikayo ngodaba lwabaqeqeshi abasuka kwelinye iqembu (ekade bengenzi kahle kulo), uyezwa sebekhonjwa kwelinye.
Kumele ngisho ukuthi bengingomunye wabantu abebekade bengayizwa kahle le ndaba. Kodwa-ke okufike kwenziwa uSteve Komphela kwiPhunya Sele Sele kuwushintshile umqondo wami. UKomphela usenze sabona ukuthi ukungenzi kahle komqeqeshi eqenjini elithile akusho ukuthi kusazobanjalo nakwelilandelayo.
Angikusho ukuthi akungiphathi kahle ukuthi uLuc Eymael usekhonjwa kwiBlack Leopards. Lo mqeqeshi wamhlukumeza kakhulu uKomphela, bengisafuna ukumbona ehlupheka kancane. Bengimhleka nje impela imiphumela ingasamvumi kwiFree State Stars. Wayeseqhosha kakhulu, esehambela phezulu, edelela ngoba nakhu phela wayekhuphula iqembu lakhe. Ngesikhathi efuna umsebenzi kwiZimpofana ngangimincile ukuthi angawutholi, manje usewuthola kalula nje, cha alikho iqiniso.
Engathi noMasutha angasheshe awuthole umsebenzi. Kuhamba kanjani ngalapho Shauwn Mpisane? Uthi ngeke iRoyal Eagles yakwazi ukumsebenzisa? Ushilo ukuthi akakhethile angasebenza noma ikuphi.
Cha kodwa wumsebenzi onzima ukuba umqeqeshi.
Mom Nondu
EWoodlands