UKUNGAWINI kweBafana Bafana ezama ukuzibekisela indawo kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) eseCameroon ngonyaka ozayo, akumele kuze kwenyuke imimoya ngokweqile kubantu baseNingizimu Afrika.
IBafana iphinde yehluleka yancama ukuthola amaphuzu agcwele ngesikhathi ibambana neLibya ngo 0-0 emdlalweni wokuhlunga eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngoMgqibelo.
Lokhu kuholele ekutheni kuthande ukushuba isimo phakathi komqeqeshi weBafana, uStuart Baxter, nabezindaba ngemuva komdlalo. Bekubangwa ukuthi uBaxter uthe labo abagxeka ukufakwa eqenjini kukaDean Furman abalazi ibhola. UFurman uqokwe njengomdlali ovelele emdlalweni.
UBaxter uphikile ukuthi uke washo into enjalo kodwa isimo bese sivele singesesihle phakathi kwakhe nentatheli ethile emsole ngokusho into efanayo nangesonto eledlule. Ngeledlule kuke kwathanda ukushuba ngesikhathi uBaxter echazela abezindaba ukuthi kungani eqoke indodana yakhe uLee Baxter ukuthi azocija onozinti kwiBafana.
Akukuhle ukuthi iBafana ayiwini kodwa uBaxter nabo abezindaba kumele behlise umoya ngesimo. Akekho okumele atshelwe ukuthi akalazi ibhola (uma kungukuthi ukushilo ngempela lokho uBaxter) ngoba ulwazi lwethu luhlale lungalingani kungakhathalekile ukuthi sisuke sikhuluma ngani.
Kuyaziwa ukuthi kwagcina kumuncu kanjani phakathi kwabezindaba no-Ephraim “Shakes” Mashaba owayecija iBafana. Lokhu kwaholela esimeni esingesihle neze lapho uMashaba axabana khona neSouth African Football Association (Safa) eyagcina imkhombe indlela.
Kuyazicacela ukuthi uBaxter akayena umuntu okholelwa ekwehleleni ngezansi uma ebuzwa ngento. Nokho bonke abasondelene nebhola eNingizimu Afrika kumele behlise umoya, babambisane ukuze kungonakali kuye phambili eqenjini lesizwe.
Ukungezwani kukaBaxter nabezindaba kungenza isimo singabi sihle bese ungenzeki ngendlela umsebenzi wokubekisela iBafana indawo kwi-Afcon ngonyaka ozayo. Kungakuhle ukuthi kuphendulwane ngendlela enokukhula nokuhloniphana uma kukhulunywa ngeqembu lesizwe.