SENGAZIBONA ukuthi ngiyayithanda iDiscovery ID, i-channel etholakala ku-171 kulabo abanama-DSTV. Ziningi izinto ezidlala ku-171 futhi liyashona impela ngigqolozele yona uma ngiziphumulele ekhaya.
Esinye sezizathu ezenza ukuthi ngiyithande wukuthi kudlala izinto ezenzeka ngempela kusukela kwezobugengu, ukuduka kwabantu nokubulalana konke okwenzeka emazweni ehlukene, ikakhulukazi e-United States of America. Cha khona e-USA izinga lobelelesi likhulu kodwa okunye okuhlalukayo wukuthi amaphoyisa noma abaseshi bakhona basezingeni eliphezulu kakhulu.
Icala laphaya liyaphenywa liphenyisiswe kungabi khona okusalayo. Uma kwenzeka liwehlula okwesikhashana, kusuke kungasho ukuthi kuphelile ngalo. Noma kungadlula iminyaka eyishumi ayabuyela kulo aphindele emuva afake imibuzo abantu abathintekayo ake akhuluma nabo.
Uyazibonela-ke ukuthi maningi amathuba okuthi umuntu owahlonywa imibuzo eminyakeni eminingi edlule mayelana necala elithile, ahluleke ukuphinda into ayisho njengoba injalo ikakhulukazi uma ayesenga ezimithiyo.
Njengoba kuqala unyaka nje ngike ngafikelwa wumuzwa wokuzibuza ukuthi konje sekuphele isikhathi esingakanani uSenzo Meyiwa adutshulwa wafa, into eyashiya abathandi bebhola eNingizimu Afrika beshaqekile, izinhliziyo zigxiza igazi. Siyongena enyakeni wesihlanu manje adlula emhlabeni uMeyiwa.
Namanje kusashiya imibuzo ukuthi kwenzeka kanjani ukuthi endlini adutshulelwa kuyo kwakukhona abantu abahlanu kodwa akekho osaboshiwe ngokufa kwakhe. Nokho angisho ukuthi wabulawa yilaba ababesendlini kodwa ngibona kuyibona abangaba wusizo.
Njengomuntu osebhale ngebhola isikhathi eside ngiyazi ukuthi kunzima kanjani ukuthi umdlali athole inkontileka neqembu elidlala kwiligi ephezulu. Ngazi kahle ukuthi nakuMeyiwa kwaba yisimo esifanayo ngesikhathi efika kwiPirates, akubanga lula. Kwamthatha isikhathi ukuthi athole ijezi njalo kodwa kwathi uma esejwayele washaya into ecokeme waze waba wukaputeni weqembu. Lokho kwenza ukuthi abizwe njalo nakwiBafana nayo agcina esengukaputeni wayo.
Kubuhlungu nokho ukuthi kwathi uma uMeyiwa sezikhanya izinto zakhe wavele wabulawa kodwa akucaci namamanje ukuthi kwenzekani. Angazi noma anginalo yini ulwazi kodwa indlela oluthuli ngayo lolu daba lukaMeyiwa kubukeka sengathi akukho okwenziwayo. Uma kukhona okwenziwa buthule ngiyoxolisa kakhulu.
Isifiso sami wukuthi luqalwe phansi lolu daba, icala liphenywe kabusha. Abathintekayo, ikakhulukazi laba abebesendlini ngesikhathi ebulawa, kumele balandwe bahlonywe imibuzo ngamunye ngamunye kuzwakale ukuthi basazosho into efanayo yini. Noma bangahlonywa imibuzo njalo ngemuva kwezinyanga ezimbili lokho ngeke kube ukubahlukumeza uma kuzogcina kutholakale iqiniso.
Angifuni ukuzwakala njengomuntu okhomba ngeminwe laba ababehleli noMeyiwa kodwa awukho omunye umkhondo ongalandelwa ngabaseshi ngaphandle kokuqala kubona mayelana nodaba.
Angazi noma ngizwelana kakhulu yini nomndeni kaMeyiya, noma-ke yingoba ngiwumuntu kanobhutshuzwayo kodwa ngibona sengathi kukhona ukungalunaki udaba lokushona kukanozinti wesizwe. Yini kuthule cwaka nje iminyaka engaka? Cha impela akuqalwe phansi kuphenywe hleze kukhona okuzoqhamuka.
Umhlonishwa ongumkhuzi wamaphoyisa, uBheki Cele, kusamele angenelele agamanxe kulolu daba. Kumele abophele abakwasidlodlo abakhaliphile ukuthi baluqale phansi baluphenye kubonakale ukuthi akukho yini okusha okungaqhamuka. Ngokwami udaba lusadinga ukuthi ludingidwe nasePhalamende. Kimina lubaluleke ngendlela efanayo nokubuyiselwa komhlaba kithina banikazi bawo.
Amaqembu aphikisayo awake akhuthale njengoba ebehlale enza ngesikhathi efuna obengumengameli wezwe uJacob Zuma akhokhe imali akha ngayo eNkandla. Kungani angabuzi ukuthi kwenzekani ngodaba lukaMeyiwa?
Phela uMeyiwa wayengeyena nje umfana waseMlaza kuphela okumele adlule emhlabeni bese kuthula kanjalo. Wayengukaputeni weqembu lesizwe futhi kukhulu ayesekwenzele isizwe. Uma amaphoyisa aseNingizimu Afrika engabuka u-171 kuningi angakufunda mayelana nokuphenya. Angifuni ukucabanga ukuthi kukhona abalunyathelayo udaba lukaMeyiwa abasezikhundleni, engikucelayo nje wukuthi ake luqalwe phansi uphenyo. Mhlawumbe uyolala ngokwenama ethuneni lakhe unozinti wesizwe.