MHLELI: Ngiyabingelela egameni lezemidlalo. Ngibhala nje inhliziyo yami ibuhlungu ngendlela iqembu lami engilithandayo elidlala ngayo. IChiefs isiphenduke izimpuphu, isinkwa sePirates semihla ngemihla. Kuyaqala ukwenzeka lokhu. Kazi kuthini kuKaizer Motaung uma ikilabhu yakhe idlala umbozo onje webhola?
Basiqala ngo-Steve Komphela ongenawo amava okuqeqesha ikilabhu enkulu, manje basilandele enye impuphu uGiovanni Solinas. Akazi lutho loya muntu, noma umbheka uyabona ukuthi uyihlathi kanjalo nesichuse sakhe eceleni, uPatrick Mabedi.
IChiefs isazophela yisibhaxu. Izikhulu zeChiefs azisenandaba nekilabhu kuphela zibheke imali yabalandeli abayisebenza kanzima.
Ngicela abalandeli beChiefs behlise umoya ngoba isazophela yisibhaxu uma kusaqeqesha uSolinas. Kazi babeboneni kuye ngoba noma ubuka iCV yakhe ayinamlando otheni, akaze awine lutho.
Mina kangisayi ukuyobuka iChiefs noma ngabe idlala eMgungundlovu noma eThekwini kona kuba buhlungu phela ngoba ngingumlandeli wayo kusukela ngo-1976 kusadlala o-Ace Ntsoelengoe noMalombo Lechaba.
IChiefs ayinamqeqeshi izihlalele. Kumele ithole umqeqeshi osezingeni eliphezulu. Uma ifuna ukubuyisa udumo lwayo lakudala ayixoshe le mpuphu yakwaSolinas noMabedi iqashe uRuud Krol noFarouk Khan noDoctor Khumalo, uzoyibona-ke lapho.
IChiefs inabo abadlali, kuphela nje ayinamqeqeshi. URhulani Mokwena wakusho lokhu saphatheka kabi kodwa wayeqinisile.USolinas akakwazi ukubophela isikimu uxova abadlali. Ungasho nje ukuthi akamdlalisi ngani * -Erick Mathoho kunalokhu udlalisa impuphu uMario Booysen noNgezana.
Laba badlali abakhulumi, omunye akazi ukuthi ubani okumele amake omunye agade ingozi. Esiswini akekho umdlali ophasela abadlali baphambili ibhola. UGeorge Maluleka noWillard Katsande bayamaka kuphela akekho kubona okwazi ukujika avule izikhala bese ephakela abagadli ibhola njengoba kwakwenza oDoctor Khumalo no-Ace Khuse. Akadlaliswa uSphelele Ntshangase.
Kuningi nje okubi okwenziwa yilo mqeqshi. Udlalisa lesi sikimu namhlanje kuyaba kusasa ufaka esinye.
Sengiphetha ngicela uKaizer Motaung ayidayise ikilabhu ukuze abalandeli bangabulawa yisifo senhliziyo. Kungenjalo azibambele mathupha. UKaizer Motaung akagugile ukuthi akayiboni le nto eyenzeka kwiChiefs.
Innocent Meyiwa
EMALANGENI