ABALANDELI bakanobhutshuzwayo baseThekwini bahleka bodwa ngemuva kokuthi iPremier Soccer League (PSL) imemezele ukuthi umdlalo we-semi final yeTelkom Knockout uzodlalelwa eMoses Mabhida Stadium ngoNovemba 24 ngo-3 ntambama.
Isolezwe like labika kuleli sonto ukuthi lo mdlalo wabakhaya ohlale ubhekwe ngabomvu ungase udlalelwe kule nkundla ngoba iChiefs ibifuna kanjalo kanti neFNB Stadium, okuvamise ukuthi kudlalelwe kuyona lo mdlalo omkhulukazi, izobe isingethe omunye umcimbi.
La maqembu asanda kuhlangana emdlalweni we-Absa Premiership lapho kuguqe khona iChiefs ngo 2-1. Akungabazeki ukuthi kuzosiphuka izidindi eMabhida ngoNovemba 24 ngoba lo mdlalo uthathwa njengowamagqubu. IChiefs idlulele kowandulela owamanqamu ngokushaya iSuperSport ngo 1-0 khona eMoses Mabhida Stadium. IBucs ibhaxabule AmaZulu ngo 3-1 kuyona le nkundla.
Amathikithi azoqala namuhla ukudayisa kanti abiza u-R80. Atholakala eSpar, Edgars, CNA, Postnet naseJet.
Komunye umdlalo kuzotholana phezulu iBaroka FC neBidvest Wits ePeter Mokaba Stadium ngoNovemba 25.