LIVERPOOL v CHELSEA
EWembley Stadium, eLondon
Namuhla ngo-5.45pm
CISHE lingesolwe ithimba labaqeqeshi beMamelodi Sundowns nezinhloli zalo ngokukhala lizithulisa ngokuphunyukwa yisiklwibhishi somdlali, uLuis Diaz.
Kumanje uDiaz useqalile ukwenza izinto zenzeke kwiLiverpool esembhidlangweni wokuqeda isizini iyikazela ngezicoco.
NgoFebhuwari nonyaka uManqoba Mngqithi, ongumqeqeshi weSundowns, eseyaziwa ngokutheza abadlali eSouth America, udalule ukuphunyukwa kwabo nguDiaz wathi bamzingela esadlala kwi-Atletico Junior yaseColombia, kodwa bathatha kancane wagcina ehlwithwe yiFC Porto yasePortugal.
Sekungumlando ukuthi uDiaz udlale amasizini amabili nohhafu kwiFC Porto ngaphambi kokusayiniswa ngetshe lemali ngoJanuwari nonyaka, yiLiverpool.
UDiaz (25), usagijime emidlalweni ewu-23 washaya amagoli ayisithupha okubalwa namabili kwi-Uefa Champions League, waba ngumvusi wenyamazane kwamathathu kuyo yonke imiqhudelwano selokhu ejoyine iLiverpool. Lokhu kukhombisa ngokusobala ukungena ngokushesha kwalesi siphekepheke sasophondweni lwesobunxele, esitayeleni seqembu.
Muva nje umqeqeshi weLiverpool, uJurgen Klopp umncomile lo mdlali odabuka eColombia.
“Umehluko afike nawo eqenjini uyamangalisa, lokho kucace bha. Kunanoma yisiphi isikwati seqembu lebhola emhlabeni, sihlale sikhona isikhala esanele somdlali oseqophelweni eliphezulu njengoLuis,” kusho uKlopp, ecashunwa yi-This Is Anfield.
“ULuis ungumdlali oseqophelweni eliphezulu, yingakho sasimfuna kangaka futhi yingakho sijabula kakhulu ngokuthi sagcina simtholile.
Akukholakali ukuthi esigabeni samaqoqo kwiChampions League sasibhekene naye edlala eqenjini lakhe elidala iFC Porto, kodwa manje usengumdlali wethu omqoka njengoba sesiyodlala owamanqamu (weChampions League) neReal Madrid.”
UKlopp usho kanjena nje, uDiaz ungene washintsha umdlalo washaya negoli ngeledlele ngenkathi iLiverpool ibhuquzisa iVillarreal ngo 3 -2 yaseSpain, kowomlenze wesibili wowandulela owamanqamu weChampions League. Lokhu kwenze iqembu lazibekisela indawo ngoMeyi 28, kowamanqamu eChampions League neReal Madrid, eParis, eFrance.
Kulokhu iLiverpool ibhekene nenselelo yokunqoba isicoco seFA Cup, njengoba idudulana neChelsea kowamanqamu eFA Cup, namuhla ngo-5.45 ntambama, eWembley Stadium, eLondon.
Kubukeka kungesifanayo nakumaBlues asanda kumemezela abaphathi abasha, nawo okungangatshazwa ukuthi asha amashushu ngokunqoba iFA Cup kwazise asephunyukwe yile ndebe iminyaka ilandelana.
Ngo-2020 aguqiswe yi-Arsenal ngo 2-0 kowamanqamu, kwaba ngesifanayo nango-2021 eguqiswa ngo 1-0 yiLeicester City kowamanqamu, yize ayegcine ngo-2018 ukunqoba le ndebe eguqisa iManchester United.
Ngaphandle kwalokhu amaBlues sekuyiyona ndebe angazithobisa ngayo amanxeba kwazise asephunyukwe yizo zonke izindebe kule sizini okubalwa iPremier League neChampions League, aluleke ancama ukuyivikela ngemuva kokuyinqoba ngesizini edlule, ekubeni amaReds esesethubeni lesicoco sePremier League neseChampions League.